Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umlingisi uchaza ngokufundela ezenkolo

Umlingisi uchaza ngokufundela ezenkolo

by | 6 April 2026

UMATASA nokufundela ukuba ngumfundisi umlingisi owaduma kakhulu kwiSibaya edlala indawo yokuba yinkabi.

UMuzi Mthabela uthi ufuna ukuqonda kabanzi izwi likaNkulunkulu nalokho akuzele emhlabeni, njengoba ematasa nokufundela ezenkolo, futhi esanda kumenyezelwa njengomunye wabalingisi abaqavile emdlalweni omusha othi, Emzini. 

Lo mdlalo uzokhonjiswa esiteshini esizimele i-etv, kusukela ngomhla ka-13 kwephezulu.

UMthabela uzobonakala kulo mdlalo obophele izintandokazi zabalingisi, okubalwa kubona uWiseman Ncube, uKhabonina Qhubeka, uDumisani Mbebe, uTyson Mathonsi, uNthabi Ntyelele, uNomsa Buthelezi, uNozi Langa, uBokang Phelane, uManqoba Khumalo nabanye.

Echaza ngalo mdlalo uMthabela, uthe okuzothokozisa abantu ngawo wukuthi uzoba yingwijikhwebu.

“Njengoba ngithi uzoba yingwijikhwebu, ngiqonde ukuthi ngeke ube yilokhu abantu abazobe bekulindele, njengoba bezobona sengathi ubheke ngala, bese beyamangala uma sebebona ngokuhamba kwesikhathi ukuthi akukhona lokhu abebecabanga ukuthi kuyikhona,” esho.

Akalona ivukana kwezokulingisa, njengoba eseke wabonakala emidlalweni eyahlukene okubalwa kuyo Isibaya, Imbewu, iGenerations The Legacy, neminye.

Uchaze indawo kaZakhele Nkosi azobe eyidlala kulo mdlalo, njengehlukile kakhulu kunalezo abantu abamazi ezidlala. Uthe uZakhele ngumuntu ozobe ebukeka njengesi-aramu, kodwa uma eke wasukelwa, aziphindiselele ngendlela enesihluku esisabisayo.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthabela waphumela obala ngokuthi kunezindawo ezingahambisani nalokhu akholelwa kukhona, angasoze azilingisa.

Uthe namanje usahamba kuyona le migomo yenkolo yakhe.

“Ngingumuntu ongagudluki kalula kulokhu akholelwa kukhona.  Le ndawo kaZakhele ngiyikhethiswe wukuthi ayigudlukile kulokhu engikholelwa kukhona,” esho.

Uthi usesigabeni sokufunda ngezenkolo, ukuze aqonde izwi likaNkulunkulu nalokho akubizelwe emhlabeni.

Ukubeke kwacaca ukuthi nakuba efundela ezenkolo, akusho ukuthi usezinhlelweni zokuba ngumfundisi manje. Uthe uma kwenzeka indlela noma inkolelo yakhe imholela ngakulolo hlangothi, uzolulandela lolo bizo.

“Engisakutholile wukuthi uNkulunkulu usebenzisa abantu abajwayelekile ukusabalalisa nokufundisa ngezwi lakhe,” esho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...