Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kuboshelwe izinkakha emcimbini weJazz eMlazi

Kuboshelwe izinkakha emcimbini weJazz eMlazi

by | 11 March 2026

YINKAKHA yomculo weJazz uSelaelo Selota.

KUHLOSWE ukuthi kubuyiswe isithunzi soMlazi ngokuletha abaculi abanohlonze kuleli lokishi, emcimbini owaziwa ngeleMlazi Jazz Festival, ozoba senkundleni yezemidlalo, iKing Zwelithini ngomhla ka-28 kwephezulu. 

Umhleli walo mcimbi uNje Buthelezi, uthi: “Sithe uhlu lwabaculi maluthi ukuqina kulokhu, nendawo esizobe sikuyona ithe ukuvuleleka kulo nyaka, njengoba bese sijwayele ukuyenzela ezindaweni ezifana neMax’s Lifestyle.”

Uthi kulo nyaka bafana nabantu abakha kabusha, ngoba iCovid-19 yaba nomthelela omubi kulo mcimbi. 

“Akuzange kube lula ukubuya, ngoba kumele sincenge nakubaxhasi, bafake isandla,” esho. 

UNje uthi ezokuphepha zizokube ziqinisiwe, ukudla neziphuzo kuzobe kukhona ngaphakathi. Uthi kuzobe kufana ne-picnic

“UMlazi usuwaziwa ngezinto ezimbi nezingalungile. Sizama ukubuyisa isithunzi saseMlazi. Leli lokishi linabantu abahloniphekile, futhi liyakwazi nokuheha abantu abasezingeni eliphezulu,” kuchaza uNje. 

Uthi imicimbi enjengalena ijwayele ukuba semadolobheni, kepha baqoke ukuthi bayisondeze ebantwini ngoba nabasemalokishini zibafanele izinto ezinhle. 

“Kukhona umuntu oke afise ukuya emcimbini, kepha acabange imali yokugibela, kodwa enayo eyethikithi. Kulo mcimbi sithi, thenga ithikithi, ungeza nangezinyawo emcimbini,” ephetha.

Phakathi kwabaculi abazobe bezimazise umcimbi kubalwa uSjava, uLwah Ndlunkulu, uSelaelo Selota, uSiphokazi, uBrenda Mtambo, uLinda Gcwensa, uMthobisi Mthalane nabanye. Kuzokube kukhona nabasakazi uWilson B Nkosi, uCollen Zondo, uMzokoloko nabanye. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...