Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sinikwe iBliss isigaba esikhulu seMpucuzeko Maskandi Festival

Sinikwe iBliss isigaba esikhulu seMpucuzeko Maskandi Festival

by | 29 August 2025

IZOQHOQHOBALWA nguMayoghurt iGoldern Hour yomaskandi  kwiMpucuzeko ngoMgqibelo ebusuku, ePeople’s Park, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngokuthola kweLanga Lempelasonto, kuqokwe uMayoghurt okunguyena ozohlukanisa ubusuku ngo-00:00 kule ndumezulu yomcimbi womaskandi. Omunye wabahleli balo mcimbi, uKhathide “Tshatha” Ngobe, uthe bavumelene ngokuthi lo mculi anikezwe lesi sikhathi ngokukhethekile. Uthi unyaka nonyaka kuqokwa umculi omusha kuleli hora ngoba libalulekile kule ndima.

“IBliss yiyona impela esizohlukanisa ngayo usuku ngoMgqibelo. Abantu bazojabula ngoba bayalithanda kakhulu leli qhawe,” kusho uTshatha.

Image

Ngakolunye uhlangothi, uXolani Mcineka owaziwa kakhulu ngalo mcimbi, uthe abaculi abaningi basiconsela amathe lesi sikhathi ngenxa yokuthi sisho lukhulu emabhinceni, njengoba nonyaka uhlukaniswa ngaso.

“Siyakholelwa ekutheni iBliss (Mayoghurt), inikezwe indawo eyifanele,” kusho uMcineka.

Ephawula ngalokhu uMayoghurt, uthe kuningi akuphathele abathandi bomculo wakhe kwiMpucuzeko.

“Kangithandi ukuyikhulumela eziko okwamanje, kodwa izinhlelo engizihlelele lo mcimbi zinkulu kakhulu. Ngihlelile ukuthi uma sekungena mina, kunyakaze inkundla ngenxa yemigilingwane engiza nayo,” kusho uMayoghurt.

Abaculi abazoshiyelana inkundla kubalwa uGatsheni, uStabhilithi, uMzukulu, uKhuzani, uNjoko, uMenzi, uMjolisi, iMfezemnyama, uJumbo, uLimit, Amageza Amahle, Inkosi Yamagcokama, Ithwasa Lekhansela, uBahubhe, uSminofu, uMashelela, uMroza, uMfiliseni Magubane, uNtencane, uFalabo, uMdumazi, iMithente, Izingane Zoma, uBuselaphi, iNyonemhlophe, uNdoni, uSaliwa, uMafikizolo, Ama-NND, u-Ali Mgube, Amavikelambuso, uDumakahle, uQhosha, uCevuzile, uMkhulekelwa, uSkweletu, uGcabashe, uMlabalaba nabanye.

Lo mcimbi wesekwe yiphephandaba ILANGA, uMasipala weTheku nohulumeni waKwaZulu-Natal. Amathikithi okubukela umcimbi atholakala eComputicket ngo-R150, nasesangweni azobe edayiswa uma esatholakala.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...