Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe ababili ngokubulawa kwekhansela eMandeni

Kuboshwe ababili ngokubulawa kwekhansela eMandeni

by | 6 February 2025

AMAPHOYISA KwaZulu-Natal, athi sekuboshwe ababili ngokubulawa kwekhansela lakumasipala iMandeni, uMnu Phendukani Mabhida.

UMnu Mabhida kuvele ukuthi ngoLwesibili ekusuku, kufike abesilisa ababili abenze sengathi kukhona abazocela usizo ngalo.

Ngemuva kokuba udadewabo kaMnu Mabhida emtshele ukuthi kukhona abacela ukukhuluma naye emnyango bavulele ngenhlamvu, wathi uyaphuma uyangenelela udadewabo naye bamdubula esinqeni.

UMnu Mabhida ushonele esibhedlela kanti udadewabo usesesibhedlela.

Laba ababoshiwe kulindeleke ukuthi bavele enkantolo kaMantshi eNyoni kusasa.

nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...