
UMKHANKASO woMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal, othi “Nenzani la ezweni” ugasele eMnambithi, kwashuba. Bangu-40 abashayeli ababoshelwe ukushayela bephuzile ngentathakusa yangeSonto. Kulabo bashayeli kuthiwa kukhona odokotela ababili, othisa abathathu, amasosha amathathu, abesifazane abayisi-7, nabasebenzela inizihlangano zomphakathi.
Lo mkhankaso uqutshwa wuphiko lweRoad Traffic Inspectorate (RTI) esifundazweni, ngenhloso yokuqeda umkhuba wabashayela bedle amanzi amponjwana.
Owunye wesifazane ubizwe yindodana yakhe isiboshiwe emgwaqeni, uthe amaphoyisa omgwaqo, enze kahle impela ayibophe. Ubeshayela imoto ehamba nabangani bakhe abathathu, okuthe uma eboshwa, baphuma emotweni bamshiya kanjalo, exabana namaphoyisa omgwaqo.
“Yiyona-ke imiphumela yokududana nabangani bakho lena. Njengoba usuboshiwe sebekushiye kanjalo. Amaphoyisa, enza kahle impela akubophe, khona uzofunda isifundo,” lo wesifazane uzwakala esho kanjalo.
Kwesinye isigameko esenzeke eThekwini ngempelasonto, amaphoyisa ophiko lwe-RTI, abophe umlisa ubegibelise amantombazane emotweni yakhe, ephuze ngokweqile, futhi eshayela engazigqokile izicathulo.
Amaphoyisa ambuze ukuthi ushayela kanjani angazifakile izicathulo, wathi izicathulo zakhe, zohlobo lweCarvella, ziyamqina, ngoba zisezintsha. Amantombazane abephakathi emotweni, yiwona abeselwisa amaphoyisa, ethi awamdedele umngani wabo, ngoba ajahe emakhaya, ayozela, afuna ukuyolala.






