Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uyaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

Uyaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

by | 24 December 2024

UYAQHUBEKA undonsiswano ophakathi kwe-Information Regulator (IR) noMnyango weMfundo eyisiSekelo ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni ka-2024 emaphephandabeni.

Izolo ngoMsombuluko i-IR ihlawulise umnyango u-R5 million, iwusola ngokushaya indiva umyalelo wayo wokuba ingashicilelwa kwemiphumela yakulon yaka.

Lo mdonsiswano wasuka ngemuva kokuba i-IR ithe ukushicilelwa kwemiphumela emaphepheni kuwukungawuhloniphi umthetho ovikela ukusatshalaliswa kwemininingwane yabantu, iProtection of Personal Information Act (Popia).

Umnyango wanikela eNkantolo eNkulu yasePitoli, uyocela ukuba uvunyelwe ukuqhubeka nokushicilela imiphumela njengoba bekwenziwa eminyakeni eyedlule.

Wethula ukuthi ukungashicilelwa kwegama lomfundi ephepheni, kodwa kusetshenziswe inombolo yakhe yokuhlolwa eyimfihlo (exam number) kuyahambisa nokuhlonishwa kwePopia.

Inkantolo yavumelana nomnyango ukuthi ukushicilelwa kwemiphumela akukho lapho kuphula khona iPopia.

USihlalo we-IR uNkk Pansy Tlakula uthe okwenza bahlawulise umnyango wukuthi wehlulekile ukubanika impendulo, kwaze kwaphela izinsuku eziwu-31, okwenza bakholwe ukuthi kumele umnyango ungayishicileli imiphumela.

Uthe umnyango bawunike izinsuku eziwu-30 kusuka izolo ukuthi ukhokhe noma uxhumane nabo ngezinhlelo zikhokha.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnu Elijah Mhlanga ukuqinisekisile ukuthi bawatholile amaphepha athi mabahlawule. Uthe kuyaxaka lokhu ngoba izinsuku eziwu-31 zaziphela ngomhla ka-19 kuyo le nyanga, bona baphendula ngomhla ka-13.

Uthe ummeli wabo waqinisekisa ukuthi isikhonzi senkantolo siwahambisile amaphepha esinqumo kwi-IR ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziwu-30. Uthi bazokhuluma ne-IR ngommeli wabo, bathole isixazululo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...