Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Uyaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

Uyaqhubeka umdonsiswano ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni

by | 24 December 2024

UYAQHUBEKA undonsiswano ophakathi kwe-Information Regulator (IR) noMnyango weMfundo eyisiSekelo ngokushicilelwa kwemiphumela kamatikuletsheni ka-2024 emaphephandabeni.

Izolo ngoMsombuluko i-IR ihlawulise umnyango u-R5 million, iwusola ngokushaya indiva umyalelo wayo wokuba ingashicilelwa kwemiphumela yakulon yaka.

Lo mdonsiswano wasuka ngemuva kokuba i-IR ithe ukushicilelwa kwemiphumela emaphepheni kuwukungawuhloniphi umthetho ovikela ukusatshalaliswa kwemininingwane yabantu, iProtection of Personal Information Act (Popia).

Umnyango wanikela eNkantolo eNkulu yasePitoli, uyocela ukuba uvunyelwe ukuqhubeka nokushicilela imiphumela njengoba bekwenziwa eminyakeni eyedlule.

Wethula ukuthi ukungashicilelwa kwegama lomfundi ephepheni, kodwa kusetshenziswe inombolo yakhe yokuhlolwa eyimfihlo (exam number) kuyahambisa nokuhlonishwa kwePopia.

Inkantolo yavumelana nomnyango ukuthi ukushicilelwa kwemiphumela akukho lapho kuphula khona iPopia.

USihlalo we-IR uNkk Pansy Tlakula uthe okwenza bahlawulise umnyango wukuthi wehlulekile ukubanika impendulo, kwaze kwaphela izinsuku eziwu-31, okwenza bakholwe ukuthi kumele umnyango ungayishicileli imiphumela.

Uthe umnyango bawunike izinsuku eziwu-30 kusuka izolo ukuthi ukhokhe noma uxhumane nabo ngezinhlelo zikhokha.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnu Elijah Mhlanga ukuqinisekisile ukuthi bawatholile amaphepha athi mabahlawule. Uthe kuyaxaka lokhu ngoba izinsuku eziwu-31 zaziphela ngomhla ka-19 kuyo le nyanga, bona baphendula ngomhla ka-13.

Uthe ummeli wabo waqinisekisa ukuthi isikhonzi senkantolo siwahambisile amaphepha esinqumo kwi-IR ngaphambi kokuphela kwezinsuku eziwu-30. Uthi bazokhuluma ne-IR ngommeli wabo, bathole isixazululo.

Ezisematheni

Induna isola u-Dkt Zweli  Mkhize ngokugaqela isikhundla

Induna isola u-Dkt Zweli Mkhize ngokugaqela isikhundla

ISUSE ukukhuluma ezinkundleni zokuxhumana enye yezinduna zezinsizwa kwaMandlakazi, kwaNongoma, uMnu Nkosikhona Ndabandaba, odume ngelikaPhakel'umthakathi. UPhakel'umthakathi onabalandeli abaningi ku-facebook, usole uDkt. Zweli Mkhize, ngokugaqela isikhundla eNdlunkulu...

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

Izovela enkantolo “inkabi” esolwa ngokusebenzisana nephoyisa

KULINDELEKE ukuba ivele ngoLwesihlanu eNkantolo yeMantshi yaseMzimkhulu 'inkabi' esolwa ngosebenzisana nephoyisa lase-siteshini saseMzimkhulu oSayitsheni Ntokozo Mngqithi, obhekene necala lokubulala ingoduso yakhe uSayitsheni Ntombi Mbanjwa, eyayiyiphoyisa khona...