Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuboshwe abashayeli (6) bamaloli ngezinsolo zokuthutha amalahle antshontshiwe

Kuboshwe abashayeli (6) bamaloli ngezinsolo zokuthutha amalahle antshontshiwe

by | 13 January 2025

AMAPHOYISA aKwaZulu Natal ngaphansi kophiko lwe-Operation Vala Umgodi abophe abashayeli bamaloli awu-6 kulandela ukutholakala bethutha amalahle antshontshiwe.

Ngokusho kwamaphoyisa akulesi sifundazwe laba bashayeli babanjwe emgwaqweni onguthelawayeka uN2 oPhongola ngoMgqibelo mhla ka-11 kuJanuary 2025.

Okhulumela amaphoyisa akulesi sifundazwe uColonel Robert Netshiunda uthi uphiko lwezinhloli zamaphoyisa zithole umkhondo ngamaloli abesuka eWitbank elibangise endaweni engadalulwanga eRichards Bay.

Uthe la maloli abesolwa ngokuthwala la malahle antshontshwe eWitbank.

UColonele Netshiunda uthe la maloli awu-6 avinjwe ngamaphoyisa kwatholakala ukuthi wonke alayishe amalahle asolwa ngokuthi antshintshiwe.

Lokhu kuholele ekutheni abashayeli bala maloli awu-6 bakhalelwe ngamasongo Sgonyela. Baneminyaka ephakathi kuka-38 no-50 ubudala njengoba kulindeleke ukuthi bavele enkantolo ngoMsombuluko mhla ka-13 January 2025.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...