Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe abasolwa abane abebefunelwa ukubulala abantu eMaoti

Kuboshwe abasolwa abane abebefunelwa ukubulala abantu eMaoti

by | 22 April 2025

UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi usekushayele ihlombe ukuboshwa kwabesilisa abane abebefunelwa amacala okubulala, abayanyaniswa neqembu lezigilamkhuba elihlalise lubhojozi umphakathi waseMaoti, eNanda.


Ngokwesitatimende samaphoyisa, laba basolwa baboshwe eCato Manor ngoMgqibelo. Kuthiwa baboshwe ngokubambisana kophiko lwezobunhloli, amaphoyisa aseCator Manor, abaseshi baseNanda, namaphoyisa kaMasipala weTheku.


Kuthiwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ngokuthi laba basolwa bacashe emzini othile, okuthe uma efika khona, afica abasolwa abatholwe nezibhamu ezimbili, izinhlamvu, nama-laptop namaselula okusolwa ukuthi ngawokwebiwa.


Abasolwa bayanyaniswa namacala awu-20 okubulala, namanye okuzama ukubulala okuthiwa enzeka eMaoti kusukela ngoJune wonyaka odlule kuze kube yinyanga ephezulu. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti kubhekwe ukuba kubanjwe nabanye abasolwa.

Laba basolwa kubhekwe ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesine.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...