Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe abasolwa abane abebefunelwa ukubulala abantu eMaoti

Kuboshwe abasolwa abane abebefunelwa ukubulala abantu eMaoti

by | 22 April 2025

UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi usekushayele ihlombe ukuboshwa kwabesilisa abane abebefunelwa amacala okubulala, abayanyaniswa neqembu lezigilamkhuba elihlalise lubhojozi umphakathi waseMaoti, eNanda.


Ngokwesitatimende samaphoyisa, laba basolwa baboshwe eCato Manor ngoMgqibelo. Kuthiwa baboshwe ngokubambisana kophiko lwezobunhloli, amaphoyisa aseCator Manor, abaseshi baseNanda, namaphoyisa kaMasipala weTheku.


Kuthiwa amaphoyisa ancinzwe indlebe ngokuthi laba basolwa bacashe emzini othile, okuthe uma efika khona, afica abasolwa abatholwe nezibhamu ezimbili, izinhlamvu, nama-laptop namaselula okusolwa ukuthi ngawokwebiwa.


Abasolwa bayanyaniswa namacala awu-20 okubulala, namanye okuzama ukubulala okuthiwa enzeka eMaoti kusukela ngoJune wonyaka odlule kuze kube yinyanga ephezulu. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka kanti kubhekwe ukuba kubanjwe nabanye abasolwa.

Laba basolwa kubhekwe ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngoLwesine.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...