Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

by | 17 April 2025

KUBOSHWE abayisikhombisa okubalwa kubo nabakufika abakuleli ngokungekho emthethweni kwisivimbamgwaqo sokuqikelela ukuphepha kulesi sikhathi sePhasika eMtubatuba.

Lesi sivimbamgwaqo ebesisemgaqweni onguthelawayeka u-N2 besiholwa yiMeya kaMasipala Inkosi uMtubatuba, uMnu Mxolisi Mthethwa, ngokubambisana nezikhulu zamaphoyisa, nezisebenzi zoMnyango wezaseKhaya. Bekuhloswe ngaso ukukhuthaza abashayeli ukuba bahambe ngokucophelela, bagcine imithetho yomgwaqo.

Usuku lugoqwe ngokukhishwa kwamathikithi okungayigcini imithetho yomgwaqo awu-45, kwaboshwa abokufika abakuleli ngokungemthetho abawu-5 kanye nababili abebeshayela bephuze beqisa ezinkambeni zikaFaro.

UMthethwa ube esexoxisana nabagibeli, wapha nezingane amaswidi ngesikhathi ehlola ukuthi izimoto kazilayishile yini ngokweqile.

“Lesi yisikhathi esibi kakhulu ngoba bonke abantu balibangise emakhaya nasezinkonzweni, ngakho-ke sibone kubalulekile ukuthi sizoqwashisa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela. Kubalulekile ukubekezelelana kulesi sikhathi samanje esijwayele ukuba nezingozi eziningi,” esho.


Ushayele ihlombe abezokuphepha abebengagayelwe mphako ngokuqinisekisa ukuthi abagibeli nabashayeli baphephile.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...