Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

Kuboshwe nabakuleli ngokungemthetho esivimbangwaqweni eMtubatuba

by | 17 April 2025

KUBOSHWE abayisikhombisa okubalwa kubo nabakufika abakuleli ngokungekho emthethweni kwisivimbamgwaqo sokuqikelela ukuphepha kulesi sikhathi sePhasika eMtubatuba.

Lesi sivimbamgwaqo ebesisemgaqweni onguthelawayeka u-N2 besiholwa yiMeya kaMasipala Inkosi uMtubatuba, uMnu Mxolisi Mthethwa, ngokubambisana nezikhulu zamaphoyisa, nezisebenzi zoMnyango wezaseKhaya. Bekuhloswe ngaso ukukhuthaza abashayeli ukuba bahambe ngokucophelela, bagcine imithetho yomgwaqo.

Usuku lugoqwe ngokukhishwa kwamathikithi okungayigcini imithetho yomgwaqo awu-45, kwaboshwa abokufika abakuleli ngokungemthetho abawu-5 kanye nababili abebeshayela bephuze beqisa ezinkambeni zikaFaro.

UMthethwa ube esexoxisana nabagibeli, wapha nezingane amaswidi ngesikhathi ehlola ukuthi izimoto kazilayishile yini ngokweqile.

“Lesi yisikhathi esibi kakhulu ngoba bonke abantu balibangise emakhaya nasezinkonzweni, ngakho-ke sibone kubalulekile ukuthi sizoqwashisa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela. Kubalulekile ukubekezelelana kulesi sikhathi samanje esijwayele ukuba nezingozi eziningi,” esho.


Ushayele ihlombe abezokuphepha abebengagayelwe mphako ngokuqinisekisa ukuthi abagibeli nabashayeli baphephile.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...