
owesifazane owayejola nomyeni wakhe.
UVELE eNkantolo yeMantshi eCampedown ngoMsombuluko owesifazane obeyikhwapha, osolwa ngokuthumba, abulale inkosikazi yendoda abethandana nayo ngoba edinwa wukuthi isimlaxazile, yaqhubeka nomkayo.
UNkz Ntombentsha Ndzimakwe (41), uvele enkantolo nowesilisa uMnu Loyiso Molulo (32), ngemuva kokushaqwa ngamaphoyisa ngoLwesihlanu ngezinsolo zokuthumba, uNkk Zinhle Ngcobo uKaMagwaza, othunjwe esemqashweni wakhe ngeledlule ngoLwesine, watholakala eseshonile ngoLwesihlanu, isidumbu sishisiwe.
UNkk Ngcobo ubulawa nje, wagcina ukubonakala ngoLwesine esaphila, utholwe ngoLwesihlanu esebulewe eBayview, ngaseChatsworth. Kubikwa ukuthi uNkk Ngcobo wathathwa ngabantu abangaziwa emqashweni wakhe oseCato Ridge. Uphenyo lwamaphoyisa lube seluwaholela kuNkz Ndzimakwe owayeyisanciza sikamyeni kamufi “nenkabi” uMnu Molulo, okusolwa ukuthi nguyena owabulala umufi.
Abasolwa bebevele enkantolo, icala lahlehliselwa inyanga ezayo, kulindeleke ukuba bafake isicelo sebheyili. ILANGA likhulume noMnu Bongumusa Ngcobo ongumyeni kamufi, othe ubeseneminyaka engaphezulu kweyishumi eshadile nomufi.
Uthi uhlangane nomsolwa ngonyaka odlule, baqala ukuthandana kodwa akamfihlelanga ukuthi ushadelwe. Uthi bahlukane nomsolwa ngoNhlaba (May) kulo nyaka. UNgcobo uthi into emqhathe no-msolwa waze wathatha isinqumo sokumala, ubenesikhwele ehluleka ukwamukela ukuthi unenkosikazi. Uthi uke wamhlasela emzini wakhe eNgonyameni, eyolwisa umkakhe.
Uthi ngesikhathi behlukana nomsolwa wamsongela, wamsabisa ngokuthi yena akenziwa kanjalo akaliwa, wabe esethi uyazi lapho kusebenza khona umkakhe, uzomgila.
“Inkosikazi yami ibihlala emqashweni eCato Ridge ngoba isondezela umsebenzi. NgoLwesine ngiyithumele umqhafazo kumakhalekhukhwini wayo, yangangiphendula kwaze kwaba kabili. Kuthe ngokuhamba kwesikhathi ucingo lwenkosikazi lwangibhaza, ngabuyela kuyena lwaphendulwa ngumngani wakhe asebenza naye, wangitshela ukuthi kugasele abantu abangaziwa emqashweni wakhe, bamthatha ngenkani, bahamba naye.
“Sibe sesiphuthuma namanye amalungu omndeni siya khona emqashweni wakhe. Basitshele ukuthi kufike abesilisa ababili abebehamba nowesifazane, osale emotweni. Bathe uma be-mchaza lona wesifazane, sabona ukuthi nguyena uNtombentsha.
“Bachaze nemoto emhlophe yohlobo lweNissan Almera abathe ibihamba abasolwa, abamfake kuyona umkami. Baveze ukuthi le moto ibinophawu u-L, lomuntu osafunda ukushayela” esho.
Uthi babe sebebikela amaphoyisa ngalokhu, kwavulwa icala. Uthi ngakusasa banikele emzini kamsolwa nebala bayifica le moto ebichazwa ngabazibonele, ipakwe emuva kwendlu, bayithatha isithombe, endlini bekungekho muntu.
“Sishayele amaphoyisa, sawabikela ngalokhu, saphindela nawo emzini wakhe. Siyifice ingasekho imoto, washayelwa ucingo. Uqale watshela amaphoyisa ukuthi usendleleni ebheke eBhizana kodwa wabuye washintsha wathi ukubo eNanda. Amaphoyisa aye kubo eNanda, nakhona afika engekho, uze wabuya emuva kwesikhathi.
“Sibe sesithola ngesidumbu somuntu wesifazane esishisiwe eBayview, sanikela khona. Amaphoyisa asitshengise izinsalela okubalwa imiyeko, nezinto abezigqokile ebezisabonakala, sakwazi ukuzihlonza,” kusho yena
UNgcobo uthi imphathe kabi into eyenziwe ngumsolwa, ekubeni kade bahlukana naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConst Thenjiswa Ngcobo, uthe abasolwa ababili bavele enkantolo ngecala lokuthumba.







