Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

by | 9 July 2025


UKHALELWE ngamasongo kaS’gonyela umlisa odabuka eSwazini, oyanyaniswa namacala okudubula kubulawe abayisithupha kwa-V, eMlazi, eThekwini, ngomhla ka-24 kuNcwaba (August) nyakenye.

UMelusi Dlamini (28) uvele kafushane eNkantolo yaseMlazi ngemuva kokuba eshaqwe ngamaphoyisa esebalekele eKrugersdorp, eGauteng.

Kuthiwa kwenzeka lesi sigameko emuva kokuba kuqubuke ingxabano phakathi kwabasolwa nabafi kubangwa ukukhulunywa kwezilimi. Kwakubangwa ukuthi abanye bakhuluma isiZulu, abanye bakhuluma isiXhosa kanti kunabanye abakhuluma isiSwati.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda uthe umsolwa wenqabile ukufaka isicelo sokudedelwa ngebheyili.

“Ngosuku lwesigameko, abesilisa nabesifazane babezihlalele kuphuzwa. Kwathi besahleli kwafika abasolwa ababili bacela ukuthengiselwa ugwayi, kodwa batshelwa ukuthi kawuthengiswa, bayalelwa ukuba bahambe. Emuva kwesikhashana behambile, babuya osebephethe izibhamu bayalela abesifazane abathathu ukuba balale phansi, emuva kwalokho baqala ukudubula.

“Abafi bashonela endaweni yesigameko. Umsolwa ubekwe amacala ayisithuba okubulala, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uvelile enkantolo, icala lahlehliselwe inyanga ezayo,” kusho uNetshiunda.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...