Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

Kuboshwe owaseSwazini ngokubulawa kwabawu-6 eMlazi

by | 9 July 2025


UKHALELWE ngamasongo kaS’gonyela umlisa odabuka eSwazini, oyanyaniswa namacala okudubula kubulawe abayisithupha kwa-V, eMlazi, eThekwini, ngomhla ka-24 kuNcwaba (August) nyakenye.

UMelusi Dlamini (28) uvele kafushane eNkantolo yaseMlazi ngemuva kokuba eshaqwe ngamaphoyisa esebalekele eKrugersdorp, eGauteng.

Kuthiwa kwenzeka lesi sigameko emuva kokuba kuqubuke ingxabano phakathi kwabasolwa nabafi kubangwa ukukhulunywa kwezilimi. Kwakubangwa ukuthi abanye bakhuluma isiZulu, abanye bakhuluma isiXhosa kanti kunabanye abakhuluma isiSwati.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Col Robert Netshiunda uthe umsolwa wenqabile ukufaka isicelo sokudedelwa ngebheyili.

“Ngosuku lwesigameko, abesilisa nabesifazane babezihlalele kuphuzwa. Kwathi besahleli kwafika abasolwa ababili bacela ukuthengiselwa ugwayi, kodwa batshelwa ukuthi kawuthengiswa, bayalelwa ukuba bahambe. Emuva kwesikhashana behambile, babuya osebephethe izibhamu bayalela abesifazane abathathu ukuba balale phansi, emuva kwalokho baqala ukudubula.

“Abafi bashonela endaweni yesigameko. Umsolwa ubekwe amacala ayisithuba okubulala, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu. Uvelile enkantolo, icala lahlehliselwe inyanga ezayo,” kusho uNetshiunda.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...