Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umsindo ngokuqanjwa kabusha kwesiqiwu iKruger

Umsindo ngokuqanjwa kabusha kwesiqiwu iKruger

by | 28 September 2025

SEKUVELE imibono eyehlukene ngesiphakamiso sokuqamba kabushwa kwesiqiwu esikhulu esisezingeni lomhlaba, iKruger National Park. Lesi siqiwu, esihlanganisa izifundazwe iMpumalanga neLimpopo, kuhlongozwa ukuthi siqanjwe ngeSkhukhuza National Park.

Isiphakamiso, senziwe yeqembu le-Economic Freedom Fighters (EFF), esiShayamthetho saseMpumalanga.
Iqembu iDemocratic Alliance (DA), liyasichitha lesi siphakamiso, lithi sizodla izinkulungwane zamarandi, kudideke nezivakashi ezivakasha kulesiya siqiwu, minyaka yonke. USolwazi Elmarie Slabbert, waseNorth West University, uthi igama leKruger National Park, aliyekwe linjalo
“Kuzomosheka izigidi zamarandi uma kushintshwa igama lalesi siqiwu. Izivakashi ezithanda ukubuka izilwane zasendle, ezikhona laphaya zizodideka. Lokhu kungabuye kukhinyabeze umkhakha wezokuVakasha,” esho.
I-EFF, ithi ngeke isikhungo esikhulu kangaka, futhi esisezingeni lomhlaba, siqhubeke sibizwe ngomcindezeli, njengoba saqanjwa ngoMnu Paul Kruger, iBhunu elalingabafuni abantu abamnyama.


Sekungumlando ukuthi kusona lesi siqiwu, eSkhukhuza, kwake kwaba nomhlangano oyinguyazana (iSkhukhuza Summit) ngo-1993, iNew National Party (NNP), iholwa nguMnu FW de Klerk, i-African National Congress (ANC), iholwa nguMnu Nelson Mandela, bezama ukunxenxa -INkatha Freedom Party (IFP), iholwa nguMntwana uMangosuthu Buthelezi, ukuthi ibeyingxenye yokhetho lokuqala lwentando yeningi, ngo-1994.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...