Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphakathi uthi kawufuni angcwatshwe endaweni oshiswe esolwa ngokuthakatha

Umphakathi uthi kawufuni angcwatshwe endaweni oshiswe esolwa ngokuthakatha

by | 19 April 2026

UPHITHENE amakhanda umndeni wesalukazi saseNhlayenza, eDududu esishiswe nendlu sagcina ngokushona esibhedlela sisolwa ngokuthakatha, njengoba umphakathi usukhiphe umyalelo wokuthi awufuni singcwatshwe endaweni.

ILANGA belilokhu libika ngalolu daba, oluqale ngesikhathi kutholakala isidumbu sengane eqeda kuzalwa ngasenhla komuzi wesalukazi uNkk Jabulile Mbongwa (78). Kuthiwa ingane yayishiywe uMnu Mxhumanisi Ngcobo owaziwa, ngokuba yiphara endaweni. UNgcobo kuthiwa, uthi wayethunywe nguNkk Mbongwa ukuthi amtholele yona ukuze athake umuthi, kodwa wayichitha esefike nayo, ekhala ngokuthi kayikabi nazinwele.

Emuva kwalesi sigameko umphakathi waseNhlayenza ube nomhlangano udingida lolu daba, kwagcina kushiswe umuzi kaNkk Mbongwa. Ngokuthola kweLANGA, umufi ubeshe kakhulu kwagcina ngokumenela esibhedlela.

Indodana kamufi, uMnu Zakhele Msomi, ithe kumanje basaxoxisana nenduna ukuthi kuzokwenzekani, njengoba umphakathi usushilo ukuthi kawusifuni isidumbu sikanina endaweni.

“Sididekile ukuthi yikuphi okumele sikwenze manje ngoba umama ushiswe nendlu engenze lutho, manje abasafuni simngcwabe endaweni. Mina ngifuna bangitshele ukuthi umama wabulala bani, ngoba angikaze ngizwe. Okubuhlungu nami angisalali ekhaya njengoba sebeshilo ukuthi bafuna ukungibulala. Ngihlala ekhaya emini, ebusuku ngilala emizini yabantu,” kusho uMsomi.

Yize uMsomi enomuzi wakhe eceleni komuzi kanina kodwa, uthe abantu bathi abafuni lutho esondelene noNkk Mbongwa endaweni. Induna yendawo, uMnu Mathawula Gumede, ithe selufikile kuyona udaba lokuthi umphakathi kawusifuni sidumbu sikaNkk Mbongwa endaweni.

“Inkinga enkulu le esibhekene nayo, nesingakabi nesixazululo sayo okwamanje. Ngisayibikele nenkosi ukuze ingenelele, ngoba nami wudaba olungixakile. Ngike ngazama ukubiza umhlangano ngoba ngifuna ukuxoxisana nomphakathi, amaphoyisa anginqabela, athi kayidingeki imihlangano okwamanje ngoba kunabantu okusamele baboshwe endaweni ngokushiswa komuzi kamama uMbongwa nokushona kwakhe.

“Ngokusho kwamaphoyisa baningi abasazoboshwa njengoba kukhona ababili asebeboshiwe,” kusho induna uGumede. Indodana kamufi, ithe abakazi ukuthi unina bazomngcwaba nini, futhi bafuna ukuthi angcwatshelwe emzini wakhe.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...