Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Umphakathi uthi kawufuni angcwatshwe endaweni oshiswe esolwa ngokuthakatha

Umphakathi uthi kawufuni angcwatshwe endaweni oshiswe esolwa ngokuthakatha

by | 19 April 2026

UPHITHENE amakhanda umndeni wesalukazi saseNhlayenza, eDududu esishiswe nendlu sagcina ngokushona esibhedlela sisolwa ngokuthakatha, njengoba umphakathi usukhiphe umyalelo wokuthi awufuni singcwatshwe endaweni.

ILANGA belilokhu libika ngalolu daba, oluqale ngesikhathi kutholakala isidumbu sengane eqeda kuzalwa ngasenhla komuzi wesalukazi uNkk Jabulile Mbongwa (78). Kuthiwa ingane yayishiywe uMnu Mxhumanisi Ngcobo owaziwa, ngokuba yiphara endaweni. UNgcobo kuthiwa, uthi wayethunywe nguNkk Mbongwa ukuthi amtholele yona ukuze athake umuthi, kodwa wayichitha esefike nayo, ekhala ngokuthi kayikabi nazinwele.

Emuva kwalesi sigameko umphakathi waseNhlayenza ube nomhlangano udingida lolu daba, kwagcina kushiswe umuzi kaNkk Mbongwa. Ngokuthola kweLANGA, umufi ubeshe kakhulu kwagcina ngokumenela esibhedlela.

Indodana kamufi, uMnu Zakhele Msomi, ithe kumanje basaxoxisana nenduna ukuthi kuzokwenzekani, njengoba umphakathi usushilo ukuthi kawusifuni isidumbu sikanina endaweni.

“Sididekile ukuthi yikuphi okumele sikwenze manje ngoba umama ushiswe nendlu engenze lutho, manje abasafuni simngcwabe endaweni. Mina ngifuna bangitshele ukuthi umama wabulala bani, ngoba angikaze ngizwe. Okubuhlungu nami angisalali ekhaya njengoba sebeshilo ukuthi bafuna ukungibulala. Ngihlala ekhaya emini, ebusuku ngilala emizini yabantu,” kusho uMsomi.

Yize uMsomi enomuzi wakhe eceleni komuzi kanina kodwa, uthe abantu bathi abafuni lutho esondelene noNkk Mbongwa endaweni. Induna yendawo, uMnu Mathawula Gumede, ithe selufikile kuyona udaba lokuthi umphakathi kawusifuni sidumbu sikaNkk Mbongwa endaweni.

“Inkinga enkulu le esibhekene nayo, nesingakabi nesixazululo sayo okwamanje. Ngisayibikele nenkosi ukuze ingenelele, ngoba nami wudaba olungixakile. Ngike ngazama ukubiza umhlangano ngoba ngifuna ukuxoxisana nomphakathi, amaphoyisa anginqabela, athi kayidingeki imihlangano okwamanje ngoba kunabantu okusamele baboshwe endaweni ngokushiswa komuzi kamama uMbongwa nokushona kwakhe.

“Ngokusho kwamaphoyisa baningi abasazoboshwa njengoba kukhona ababili asebeboshiwe,” kusho induna uGumede. Indodana kamufi, ithe abakazi ukuthi unina bazomngcwaba nini, futhi bafuna ukuthi angcwatshelwe emzini wakhe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...