Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe owesifazane oqambe amanga ngokuthunjwa kwakhe

Kuboshwe owesifazane oqambe amanga ngokuthunjwa kwakhe

by | 31 January 2025

OWESIFAZANE waseNingizimu Afrika ukhalelwe nngamasongo kaSgonyela ngezinsolo zokuhlanganyela nowesilisa waseMozambique kuhlelwe ukuthunjwa kwakhe.

Ngokubika kwe-eNCA lona wesifazane kwabikwa ukuthi unyamalele ngemuva kokuthunjwa ngesonto eledlule futhi kudingakala imali emndenini wakhe ukuze adedelwe.

Kubikwa ukuthi ngemuva kwalezi zindaba amaphoyisa aphuma inqina aqala uphenyo ngalesi sigameko.

Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kumuzi oseMoroka lapho emfice khona nalona wesilisa waseMozambique.

Kuphinde kwavela nokuthi bobabili laba babekuhlelile lokhu ngenhloso yokuthola imali njengoba kwakungamampunge ukuthi uthunjiwe lona wesifazane.

Babe sebekhalelwa ngamasongo kaSgonyela njengoba kulindeleke ukuba bavele maduze enkantolo.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...