Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kutuswa ubuqhawe kumaphoyisa awu-27 abulawe esemsebenzini

Kutuswa ubuqhawe kumaphoyisa awu-27 abulawe esemsebenzini

by | 7 September 2025

NGAMAGAMA amaphoyisa abulawe esebenzini esikhathini esingangonyaka odlule.

UNCOME ubuqhawe nokuzinikela kwamaphoyisa ombutho iSouth African Police Service (SAPS) uMnu Paul Mashatile, oyisekela likamengameli wezwe, ngesikhathi kukhunjulwa amaphoyisa awu-27 abulawe esemsebenzini, esikhathini esingangonyaka esedlule.

Lesi sikhumbuzo saminyaka yonke senziwa njalo ngeSonto lokuqala kuMandulo (September), ezindlini zombuso ePitoli. UMashatile uthe bekumele kufike uMengameli Cyril Ramaphosa kulo mcimbi kodwa wathumela yena ngenxa yokuba batasa nezinye ezinto ezimqoka, ezithinta izwe.

“Umengameli uthe mangimdlulisele amazwi enduduzo emindenini nasezihlotsheni zamaphoyisa adlulile. Ngifuna nazi ukuthi laba esibakhumbula lapha bangamaqhawe ngoba banikele ngempilo yabo bevikela izwe lethu kwizigilamkhuba,” esho.

Unxuse amaphoyisa ukuthi engafi ephethe izibhamu zawo, azisebenzise ukuzivikela uma izigebengu ziwahlasela. Uthe angu-66 esewonke amaphoyisa abulawe yizigilakhuba eminyakeni emibili edlule.

“Ngifisa sengathi lo mcimbi singaweqa, ungabi khona okungenani noma iminyaka emibili. Lokhu kuzokube kungasho ukuthi asikho isidingo sawo, kodwa ngoba lizokube lingekho iphoyisa elibulawe lisemsebenzini.”

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...