Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuboshwe owokufika ngezinsolo zokudlwengula intombazane (6)

Kuboshwe owokufika ngezinsolo zokudlwengula intombazane (6)

by | 7 April 2025

Ukhalelwe ngamasongo kaSgonyela owesilisa wase-Ethiopia oneminyaka ewu-26 ubudala osolwa ngokudlwengula intombazane eneminyaka ewu-6 ubudala endaweni yase-Arnot ngaseHendrina eMpumalanga.

Ngokubika kweTimesLive lo mlisa ulindeleke ukuthi avele ngoMsombuluko enkantolo yeMantshi yaseHendrina.

Ngokusho kwamaphoyisa lesi sigameko senzeke ngoLwesine olwedlule ntambama ngesikhathi le ntombazane ibithunywe esitolo esiseduze nakubo.

Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Donald Mdhluli uthe icala labikwa emaphoyisa kwabe sekuqala uphenyo.

UMdhluli uthe umsolwa uboshwe ngoMgqibelo.

Ukhomishana wamaPhoyisa eMpumalanga uMajor General Zeph Mkhwanazi usigxekile lesi sigameko wabe esencoma ukusebenza kwamaphoyisa ngokusebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi umsolwa uyaboshwa ukuze abhekane nengalo yomthetho.

Uthe njengamaphoyisa bazibophezele ukwenza konke okusemandlelo ukuqinisekisa ukuvikela labo abangakwazi ukuzivikela ikakhulukazi abadala, abesifazane nezingne.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...