Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

by | 17 July 2025


UMENGAMELI we-Economic Freedom Front (EFF), uMnu Julius Malema, uyaziqhelelanisa noMnu Vusumuzi “Cat” Matlala, ogqunywe eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe.


UMatlala, othola amathenda ezigidi kuHulumeni, igama lakhe lishiwo nguMkhuzi wamaPhoyisa, waKwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, wathi uxhumene noNgqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnu Senzo Mchunu, ekuphazamiseni ukusebenza kwamaphoyisa.

UMalema ubesesikhungweni sokuvota, eMponengele Primary School, eSeshego, ePolokwane, njengoba bekunokhetho lokuchibiyela. Ebuzwa ngalokhu okusabalele ezinkundleni zokuxhumana, kokuthi bayazana noCat, njengoba uMalema, eganwe yintombi yakwaMatlala, isibongo, uvele wabhodla umlimo.


“Hheyi! angimazi lowo muntu mina! Akabolele ejele, angihlangene naye, ngoba angimazi. Ungibuza ngezinto eziwumbhedo, ozizwa zikhulunywa ngabantu, zibe zikhona izinto ezibalulekile ezweni, ongangibuza ngazo. Ungalinge uphinde ungibuze ngezigebengu mina,” kusho uMalema, ephendula intatheli.


UMatlala, wathola ithenda ka-R396 mililon, yokulungisa isibhedlela saseThembisa, kodwa kwatholakala ukuthi umsebenzi kawenziwanga ngendlela efanele, negculisayo. Ngesikhathi izikhulu zoMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo zigasela eKgosi Mampuru kamuva nje, zithole umakhalekhukhwini egunjini obekugqunywe kulo uCat Matlala.


Owayengungqongqoshe wamaphoyisa, uMnu Bheki Cele, kuthiwa ungomunye wabaholi abake bahlala emzini kaCat, owubukhazikhazi esePitoli.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...