Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe umphathi wentombazane eyagcina ukubonakala ngoKhisimusi

Kuboshwe umphathi wentombazane eyagcina ukubonakala ngoKhisimusi

by | 4 January 2025

ZIMKHALELE owesilisa oneminyaka engu-37, waseMaotana, eNanda ngaphandle kweTheku, oboshwe namhlanje ngemuva kokuthumba uNkz Ayabonga Mjilo (24), abemphethe emsebenzini wambulala.

Ngokusho kukaColonel Robert Netshiunda, lona wesilisa kuvele ukuthi nguye owabonakala ehamba nowesifazane obekubikwe ukutgi unyamalele ngomhlaka 25 enyangeni edlule.

Lona wesifazane bekunembiko yokuthi ugcine ukubonakala endaweni yokudla eMhlanga, nokuthe uma sekubhekwa amakhamera wabonakala ehamba nowesilisa obewumphathi wakhe emsebenzini.

Amaphoyisa athi alandele umkhondo womsolwa, nobe eseboshwa namhlanje ekuseni ngemuva kokutholakala ukuthi waba nengxabano nalona wesifazane sebesendlini yakhe wabe esemuklinya wambulala wamgqiba egcekeni.

Lona wesilisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.

ILANGA lixhumane nomndeni kaNkz Mjilo, oqinisekisile ukuthi nguye lona okutholwe isidumbu sakhe.

Kuzokhumbuleka leli phephandaba belilokhu libika ngokunyamalala kwakhe njengoba umndeni wakhe wawukhala ngokuthi kuyinto angakaze ayenze futhi bekungatholakali mkhondo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...