Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuboshwe umphathi wentombazane eyagcina ukubonakala ngoKhisimusi

Kuboshwe umphathi wentombazane eyagcina ukubonakala ngoKhisimusi

by | 4 January 2025

ZIMKHALELE owesilisa oneminyaka engu-37, waseMaotana, eNanda ngaphandle kweTheku, oboshwe namhlanje ngemuva kokuthumba uNkz Ayabonga Mjilo (24), abemphethe emsebenzini wambulala.

Ngokusho kukaColonel Robert Netshiunda, lona wesilisa kuvele ukuthi nguye owabonakala ehamba nowesifazane obekubikwe ukutgi unyamalele ngomhlaka 25 enyangeni edlule.

Lona wesifazane bekunembiko yokuthi ugcine ukubonakala endaweni yokudla eMhlanga, nokuthe uma sekubhekwa amakhamera wabonakala ehamba nowesilisa obewumphathi wakhe emsebenzini.

Amaphoyisa athi alandele umkhondo womsolwa, nobe eseboshwa namhlanje ekuseni ngemuva kokutholakala ukuthi waba nengxabano nalona wesifazane sebesendlini yakhe wabe esemuklinya wambulala wamgqiba egcekeni.

Lona wesilisa kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoMsombuluko.

ILANGA lixhumane nomndeni kaNkz Mjilo, oqinisekisile ukuthi nguye lona okutholwe isidumbu sakhe.

Kuzokhumbuleka leli phephandaba belilokhu libika ngokunyamalala kwakhe njengoba umndeni wakhe wawukhala ngokuthi kuyinto angakaze ayenze futhi bekungatholakali mkhondo.
nonhlakaniphos@ilanganews.co.za

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...