Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kubulawe amaphoyisa amabili abeye endaweni yesigameko

Kubulawe amaphoyisa amabili abeye endaweni yesigameko

by | 15 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

SIKHULU isililo ngokufa kwamaphoyisa amabili adutshulwe aabulawa ngesikhathi ehambele indawo yesigameko ebekubulawe kuyona owesifazaneizolo ebusuku, eCliffdale, eHammarsdale.

Kuthiwa labo sigaxamabhande abebesezikhundleni zokuba nguStation Commander noBranch Commander, okunguCapt Panter noWarrant Officer Ndlovu bese benesikhathi eside beyibambile embuthweni. Kuthiwa kuthe befika endaweni yesigameko, umsolwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona, ngaphambi kokudubula omunye wesifazane obesendaweni yesigameko, okusolwa ukuthi ungunina walowo odutshulwe kuqala.

UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabafi.

“Kuyadabukisa ukubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini wawo. Kube yinhlahla ukuthi iphoyisa lesithathu ebelihamba nawo kalilimalanga ngesikhathi kudutshulwana. Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini yamaqhawe ethu awile,” kusho uMkhwanazi.

Kube sekuboshwa owesilisa ona-38 obesesibhedlela, enenxeba lokudutshulwa, obekusolwa ukuthi nguyena othintekayo kulesi sigameko. Kodwa kubuye kwavela ukuthi akuyena ngemuva kokutholakala kwesidumbu sikamsolwa ehlathini eliseduze nendawo okubulewe kuyo lawa maphoyisa.

Kuthiwa umsolwa udubuleke ngesikhathi beshintshana ngenhlamvu namaphoyisa, wabe esebaleka nesibhamu selilodwa lawo, okuthiwa sitholakale eduze kwesidumbu sakhe.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...