THANDOLUHLE NGUBO
SIKHULU isililo ngokufa kwamaphoyisa amabili adutshulwe aabulawa ngesikhathi ehambele indawo yesigameko ebekubulawe kuyona owesifazaneizolo ebusuku, eCliffdale, eHammarsdale.
Kuthiwa labo sigaxamabhande abebesezikhundleni zokuba nguStation Commander noBranch Commander, okunguCapt Panter noWarrant Officer Ndlovu bese benesikhathi eside beyibambile embuthweni. Kuthiwa kuthe befika endaweni yesigameko, umsolwa wavulela ngenhlamvu ebhekise kubona, ngaphambi kokudubula omunye wesifazane obesendaweni yesigameko, okusolwa ukuthi ungunina walowo odutshulwe kuqala.
UMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt-Gen Nhlanhla Mkhwanazi, udlulise amazwi enduduzo emindenini yabafi.
“Kuyadabukisa ukubulawa kwamaphoyisa esemsebenzini wawo. Kube yinhlahla ukuthi iphoyisa lesithathu ebelihamba nawo kalilimalanga ngesikhathi kudutshulwana. Ngifisa ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini yamaqhawe ethu awile,” kusho uMkhwanazi.
Kube sekuboshwa owesilisa ona-38 obesesibhedlela, enenxeba lokudutshulwa, obekusolwa ukuthi nguyena othintekayo kulesi sigameko. Kodwa kubuye kwavela ukuthi akuyena ngemuva kokutholakala kwesidumbu sikamsolwa ehlathini eliseduze nendawo okubulewe kuyo lawa maphoyisa.
Kuthiwa umsolwa udubuleke ngesikhathi beshintshana ngenhlamvu namaphoyisa, wabe esebaleka nesibhamu selilodwa lawo, okuthiwa sitholakale eduze kwesidumbu sakhe.