Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UHlabisa wethembisa isixazululo enkingeni yamanzi eMzinyathi

UHlabisa wethembisa isixazululo enkingeni yamanzi eMzinyathi

by | 30 September 2025

UKHUMBUZE amakhansela ngokubaluleka kokuzinuka amakhwapha ngaphambi kokucela ukwesekwa ngamalungu omphakathi, uMengameli we-IIFP, uMnu Velenkosini Hlabisa.

UHlabisa usho lokhu izolo ngeSonto, ngesikhathi ehambele KwaShane, ku-ward 4, eMvoti, lapho ubuholi beqembu lakhe bebuhlangene namalungu omphakathi. Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, uveze ukuthi imisebenzi yamakhansela yiyona ewakhulumelayo kubavoti.

“Kule wadi sinekhansela, ubaba uZondi, osehlale esihlalweni amahlandla amane elandelana. Ukwesekwa kwakhe kubonakale nangemiphumela yokhetho lokugcina kohulumeni basekhaya, njengoba anqoba ngamavoti angaphezu kuka-75%. 

View Post

“Nginesiqiniseko sokuthi wonke amakhansela njengamanje afisa ukwesekwa ngamalungu omphakathi, kodwa kubalulekile ukuba aqale azibheke isimo sawo ukuthi kuwafanele yini ukwesekwa,” esho.

Eqhuba uHlabisa, uveze ukuthi usizwile isikhalo sezakhamizi zaseMvoti, nakuMasipala wesiFunda uMzinyathi, mayelana nenkinga yokushoda kwamanzi. Wethembise ukungenelela, le nkinga ixazululwe ngokushesha.

“Umnyango engiphathiswe wona wakwaCogta ungenelela kakhulu komasipala, yingakho ngizozama ukuletha isixazululo. Ngizoxhumana nongqongqoshe wamanzi kuzwelonke, sike sivaka-she lapha eMzinyathi, sibone ukuthi kungenzeka njani.

“Ngizophinde ngicele umhlangano nobuholi bomkhandlu ngomhla ka-16 no-17 wenyanga ezayo, sidingide ngezinhlelo
zokuletha amanzi kule ndawo. Sizophinde senze nohlelo esizolusebenzisa ukuhlinzeka abantu ngamanzi. Lokhu sikwe-nzile oThukela sawavula amanzi, saphinde senza nohlelo lokuqhu-beka nokuhlinzekwa kwawo kule minyaka eminhlanu ezayo,” esho. 

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...