Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuthiwa ubephila ntofontofo u-Omotoso ejele

Kuthiwa ubephila ntofontofo u-Omotoso ejele

by | 8 April 2025

KUBIKWA ukuthi ubephila buthebelele ngesikhathi esengaphakathi ezikhindini umfundisi wodumo uTimothy Omotoso ogcine ngokuphuma phambili emacaleni abebhekene nawo awodlwengula abesifazane ababesonta ebandleni lakhe.

Ngeledlule iNkantolo ePhakeme yaseGqeberha yamkhipha phambili u-Omotoso emacaleni awu-32 abebhekene nawo okubalwa kuwo awokudlwengula nawokushushumbisa abantu.

Le nkantolo yamkhipha phambili u-Omotoso nalabo abesolwa nabo uLusanda Sulani noZikiswa Sitho.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba baboshwa ngo-2017 ngala macala njengoba kuthathe iminyaka ewu-8 ukuqulwa kwawo.

Umbiko wekhethelo we-eNCA usuveze ukuthi u-Omotoso ubephila ntofontofo engaphakathi ejele ngesikhathi kuqulwa leli cala njengoba anqatshelwa ibheyili.

Lo mthombo wezindaba uveze ukuthi iphoyisa ebeliphenya amacala abebhekene nalo mfundisi liveze ukuthi ubenomakhalekhukhwini wakhe futhi enomabonakude ekhulukuthu lakhe.

Leli phoyisa liphinde laveza nokuthi u-Omotoso ubengakudli nokudla kwasejele njengoba ebezidlela okwakhe okuqhamuka ngapohandle.

Kuzokhumbuleka ukuthi uCheryl Zondi ongesinye sezisulu zika-Omotoso wathola okukhulu ukwesekwa ngesikhathi ethula ubufakazi obabuqoshwa bukhoma kumabonakude.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...