Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kuthiwa ubephila ntofontofo u-Omotoso ejele

Kuthiwa ubephila ntofontofo u-Omotoso ejele

by | 8 April 2025

KUBIKWA ukuthi ubephila buthebelele ngesikhathi esengaphakathi ezikhindini umfundisi wodumo uTimothy Omotoso ogcine ngokuphuma phambili emacaleni abebhekene nawo awodlwengula abesifazane ababesonta ebandleni lakhe.

Ngeledlule iNkantolo ePhakeme yaseGqeberha yamkhipha phambili u-Omotoso emacaleni awu-32 abebhekene nawo okubalwa kuwo awokudlwengula nawokushushumbisa abantu.

Le nkantolo yamkhipha phambili u-Omotoso nalabo abesolwa nabo uLusanda Sulani noZikiswa Sitho.

Kuzokhumbuleka ukuthi laba baboshwa ngo-2017 ngala macala njengoba kuthathe iminyaka ewu-8 ukuqulwa kwawo.

Umbiko wekhethelo we-eNCA usuveze ukuthi u-Omotoso ubephila ntofontofo engaphakathi ejele ngesikhathi kuqulwa leli cala njengoba anqatshelwa ibheyili.

Lo mthombo wezindaba uveze ukuthi iphoyisa ebeliphenya amacala abebhekene nalo mfundisi liveze ukuthi ubenomakhalekhukhwini wakhe futhi enomabonakude ekhulukuthu lakhe.

Leli phoyisa liphinde laveza nokuthi u-Omotoso ubengakudli nokudla kwasejele njengoba ebezidlela okwakhe okuqhamuka ngapohandle.

Kuzokhumbuleka ukuthi uCheryl Zondi ongesinye sezisulu zika-Omotoso wathola okukhulu ukwesekwa ngesikhathi ethula ubufakazi obabuqoshwa bukhoma kumabonakude.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...