Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Luxubile uhlu lwabazonandisa koweMetro FM Music Festival eThekwini

Luxubile uhlu lwabazonandisa koweMetro FM Music Festival eThekwini

by | 7 April 2026

LUXUBE izinhlobo ezahluke zomculo uhlu lwabaculi abazonandisa kwindumezulu yomcimbi ozohambisana noweMetro FM Music Awards ozoba sePeoples Park eMoses Mabhida eThekwini ngomhla ka-25 kwephezulu.

Lo mcimbi ozobizwa ngeMetro FM Music Festival kulindeleke ukuthi udonse izinkumbi zabantu abazojabulela ukubuya kwala ma-award eThekwini kwazise sekuneminyaka wagcina ukwenzeka kuleli dolobha.

Umcimbi wama-award uzokwenzelwa eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre lapho kuzobe kuklonyeliswa izintandokazi zabantu beminxa eyahlukene.

Abazohambela umcimbi osePeoples Park nabo bazoba yingxenye yalo mcimbi njengoba abaculi abanye babaculi abaqokiwe nabazonqoba bezophinde banandise khona.

Abanye abazobe bephuma e-ICC bazodlulela ePeoples Park njengoba uzobe usufana ne-after party.

Phakathi kwabaculi abazobe beboshelwe ePeoples Park kubalwa uMthandeni SK, Khuzani, Umafikizolo, Young Stunna, Tira, Lamiez Holworthy, Danki Boi, Sox, Drega, Dladla Mshunqisi, Big NUZ, Sami Kay, Amenisto, Lerato Kganyago, Benny Maverika nabanye abaningi.

Abaphathi bohlelo uSomizi Mhlongo, Tbo Touch, Zola Zee Loving, Hope Mbhele, Skhinkili, Mgilane, Sizwe Mdlalose nabanye.

Amathikithi alo mcimbi aseqalile ukutholakala eWebticket, Pick n Pay naseBoxer ngo-R300 ajwayelekile noR750 awezicukuthwane.

Lo mcimbi kubhekwe ukuthi ube ngomunye wemikhulu njengoba kulindeleke ukuthi udlale indima emqoka ukuthuthukisa nomkhakha wezokuvakasha ngaphansi kukaMasipala weTheku.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...