Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kubuyekezwa uhlelo lwabalimisi ezindaweni zasemakhaya

Kubuyekezwa uhlelo lwabalimisi ezindaweni zasemakhaya

by | 17 August 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.

UNXUSE abesifazane nabesilisa abahola imali yezibonelelo zezingane ukuba bayisebenzisele nokuthenga imbewu yezitshalo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubekhuluma nabemithombo yezindaba ngemuva kwengqungquthela yabalimi ebibanjelwe enkabeni yedolobha iTheku ngoLwesine. Le ngqungquthela ibingeyokucobelelana ngamaqhinga okubhekana nezinselelo ezidalwa wukuguquguka kwesimo sezulu.

UNtuli uthe abahola le mali yesibonelelo akufanele bacabange nangezinye izindlela abangayisebenzisa ngazo imali yesibonelelo.

“Abahola le mali kufanele bathenge imbewu, bangalindi uhulumeni ukuthi uzobanikelela ngembewu. Lokhu kuzokwenza ukuthi izingane zidle iklabishi, isipinashi nakho konke ukudla okunomsoco. Sizobonisana noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukuba ubuyekeze uhlelo lwabalimisi njengoba kwasekuqaleni sisakhula babekhona futhi babenza imisebenzi encomekayo.

“Abalimisi babehamba ngezinyawo phakathi kwemizi. Babekwazi ukubona izitshalo emasimini nasezingadini. Uma bebona isitshalo singavumi kahle enhlabathini, babengena, bathathe inhlabathi iyohlolwa emuva kwalokho babuyise umbiko ngohlobo lwesitshalo okufanele sifakwe kulowo mhlabathi. Namuhla sizoqinisekisa nohlelo lokutholakala mahhala kwemithi esetshenziswa emadiphini emfuyo,” kusho uNtuli.

UNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, ongungqongqoshe walo mnyango, uthe basemkhankasweni wokulubuyisa kuwona wonke ama-ward akulesi sifundazwe lolu hlelo.

“Uma ngifika kulo mnyango ngithole ukuthi kunesikhalo esikhulu sokushoda komadiphane nokuyinto engifike ngenza isiqiniseko sokuthi iyalungiseka. Maqondana nokuhlolwa kwenhlabathi, sikhuthaza abantu ukuba bamemeze lapho bekhona uma befuna ukuhlolelwa inhlabathi yabo. Lokhu kwenziwa mahhala, akukhokhwa lutho. Indaba yokuguquguquka kwesimo sezulu inomthelela nasenhlabathini yethu ngakho kufanele sihlale ngokuhlola isimo senhlabathi yethu,” kuphetha uNkk Madlopha-Mthethwa.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...