Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kubuyekezwa uhlelo lwabalimisi ezindaweni zasemakhaya

Kubuyekezwa uhlelo lwabalimisi ezindaweni zasemakhaya

by | 17 August 2025

NGUNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, noNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa onguNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi esifundazweni.

UNXUSE abesifazane nabesilisa abahola imali yezibonelelo zezingane ukuba bayisebenzisele nokuthenga imbewu yezitshalo uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli.

UNtuli ubekhuluma nabemithombo yezindaba ngemuva kwengqungquthela yabalimi ebibanjelwe enkabeni yedolobha iTheku ngoLwesine. Le ngqungquthela ibingeyokucobelelana ngamaqhinga okubhekana nezinselelo ezidalwa wukuguquguka kwesimo sezulu.

UNtuli uthe abahola le mali yesibonelelo akufanele bacabange nangezinye izindlela abangayisebenzisa ngazo imali yesibonelelo.

“Abahola le mali kufanele bathenge imbewu, bangalindi uhulumeni ukuthi uzobanikelela ngembewu. Lokhu kuzokwenza ukuthi izingane zidle iklabishi, isipinashi nakho konke ukudla okunomsoco. Sizobonisana noMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal ukuba ubuyekeze uhlelo lwabalimisi njengoba kwasekuqaleni sisakhula babekhona futhi babenza imisebenzi encomekayo.

“Abalimisi babehamba ngezinyawo phakathi kwemizi. Babekwazi ukubona izitshalo emasimini nasezingadini. Uma bebona isitshalo singavumi kahle enhlabathini, babengena, bathathe inhlabathi iyohlolwa emuva kwalokho babuyise umbiko ngohlobo lwesitshalo okufanele sifakwe kulowo mhlabathi. Namuhla sizoqinisekisa nohlelo lokutholakala mahhala kwemithi esetshenziswa emadiphini emfuyo,” kusho uNtuli.

UNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa, ongungqongqoshe walo mnyango, uthe basemkhankasweni wokulubuyisa kuwona wonke ama-ward akulesi sifundazwe lolu hlelo.

“Uma ngifika kulo mnyango ngithole ukuthi kunesikhalo esikhulu sokushoda komadiphane nokuyinto engifike ngenza isiqiniseko sokuthi iyalungiseka. Maqondana nokuhlolwa kwenhlabathi, sikhuthaza abantu ukuba bamemeze lapho bekhona uma befuna ukuhlolelwa inhlabathi yabo. Lokhu kwenziwa mahhala, akukhokhwa lutho. Indaba yokuguquguquka kwesimo sezulu inomthelela nasenhlabathini yethu ngakho kufanele sihlale ngokuhlola isimo senhlabathi yethu,” kuphetha uNkk Madlopha-Mthethwa.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...