Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kudutshulwe kwabulawa obengumshayi sibhakela

Kudutshulwe kwabulawa obengumshayi sibhakela

by | 22 August 2026

KUDUTSHULWE kwabulawa owayemgushayi sibhakela, owathatha isicoco somhlaba kabili, uZolani Tete, eMdantsane, e-Eastern Cape izolo ngoLwesihlanu ngabo 6:30 kusihlwa.

Ngokubika kwe-eNCA, uTete udutshulwe eyongena kwakhe ehamba nomgibeli wesifazane.

Kuthiwa ubemi eduze kwesango elinde ukuthi livuleke ngesikhathi kuqhamuka abesilisa ababili abebezifihle ubuso bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

Kuthiwa uzamile ukushayela imoto engena egcekene kodwa waphelela khona emzini wakhe.

Lesi  sigameko siqinisekiswe ngokhulumela amaPhoyisa e-Eastern Cape, uBregadier Nobuntu Gentana.

Owesifazane abehamba naye kuthiwa usindile futhi asikakaziwa isizathu sokudutshulwa kukaTete.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...