Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Kudutshulwe kwabulawa obengumshayi sibhakela

Kudutshulwe kwabulawa obengumshayi sibhakela

by | 22 August 2026

KUDUTSHULWE kwabulawa owayemgushayi sibhakela, owathatha isicoco somhlaba kabili, uZolani Tete, eMdantsane, e-Eastern Cape izolo ngoLwesihlanu ngabo 6:30 kusihlwa.

Ngokubika kwe-eNCA, uTete udutshulwe eyongena kwakhe ehamba nomgibeli wesifazane.

Kuthiwa ubemi eduze kwesango elinde ukuthi livuleke ngesikhathi kuqhamuka abesilisa ababili abebezifihle ubuso bavulela ngenhlamvu bebhekise kubona.

Kuthiwa uzamile ukushayela imoto engena egcekene kodwa waphelela khona emzini wakhe.

Lesi  sigameko siqinisekiswe ngokhulumela amaPhoyisa e-Eastern Cape, uBregadier Nobuntu Gentana.

Owesifazane abehamba naye kuthiwa usindile futhi asikakaziwa isizathu sokudutshulwa kukaTete.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...