Ilanga News
Home 9 Featured 9 Sichithiwe isicelo sabokufika odabeni ‘lwabavinjwa’ ukusebenzisa izikhungo zezempilo zikahulumeni

Sichithiwe isicelo sabokufika odabeni ‘lwabavinjwa’ ukusebenzisa izikhungo zezempilo zikahulumeni

by | 20 August 2025


INKANTOLO eNkulu yaseThekwini isichithile isicelo ebesifakwe yiSouthern Africa Refugee Organization Forum, okuyinhlangano emele abakufika abakuleli zwe.

Le nhlangano ibifake isicelo sokuthi umnyango wamaphoyisa nowezempilo, noNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Mngadi, bangenelele njengoba bethi abokufika, ngisho abanamaphephamvume okuba kuleli, bayavinjwa ukungena ezikhungweni zezempilo zikahulumeni.

Izinhlangano i-Operation Dudula neMarch on March, ziqale umkhankaso wokuvimbela abakuleli ngokungemthetho ukusebenzisa imitholampilo nezibhedlela zikahulumeni, njengoba zithi bayimbangela yokushoda kwezinsiza ezikhungweni. Kuthiwa bezifuna wonke umuntu ongena khona aveze umazisi.

Abokufika bathi abanye abahlengikazi, babaphindisela emuva uma beyofuna usizo lwempilo ezibhedlela. Bathi i-Operation Dudula neMarch on March ngabe abakwenzi lokhu ukuba amaphoyisa aqinisa isandla, nomnyango wezempilo uthathe izinyathelo njengoba kuyizona izinhlaka ezigunyazwe wuMthethosisekelo wezwe.

Ummeli kahulumeni, uMnu Yogesh Hulasi, uthi inhlangano yabokufika ifuna usizo nencazelo ezinhlakeni okungeyizo. Uthe kufanele ngabe le nhlangano ifuna isivimbelo senkantolo sokuvimba i-Operation Dudula neMarch on March.

Izinhlangano i-Operation Dudula, neMarch on March, zivimbe abakufika ebebengena emitholampilo nasezibhedlela, eGauteng, naKwaZulu-Natal, befuna wonke umuntu ongena khona akhiphe umazisi.

UMeli kaHulumeni, uMnu Yogesh Hulasi, uthi inhlangano yabokufika ifuna usizo nencazelo ezinhlakeni okungeyizo ngoba ifanele ibhekane ne-Operation Dudula neMarch on March, okuyizona ezibahluphayo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...