Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuchwaze imelika kwatatazela umhlaba kunqoba uTrump

Kuchwaze imelika kwatatazela umhlaba kunqoba uTrump

by | 7 November 2024

MEZI JELE

APHELILE amaphupho nokuqagela uMnu uDo-nald Trump, ulunqobile ukhetho luka-2024 lokwengamela izwe laseMelika. 

UTrump (78), wamaRepublicans, wehlule uNkk Kamala Harris wamaDemocrats, obekuyiwona abephethe izintambo zombuso zakuleliya lizwe eliyisikhondlakhondla emhlabeni.

Enkulumweni yakhe yokubonga ukunqoba ayethule eFlorida izolo ngoLwesithathu, uTrump uthe uzoyelapha iMelika futhi ayipende kabusha.

“Sizolelapha leli zwe lethu, ukunqoba lokhu izwe lethu elingakaze libe nakho ngapha-mbilini,” esho.

Badumele abantu baseMelika ebebezitshela ukuthi izwe labo lizokuba nomengameli wesifazane wokuqala emlandweni walo. 

Ngemuva kokumenyezelwa kokunqoba kukaTrump, bekuchwaza eMelika, njengoba ezidlele amahlanga ePennyslvania, eGeorgia, eNorth Carolina, naseFlorida.

UTrump usebuyela okwesibili eWhite House njengoba akhishwa nguMnu uJoe Biden wamaDemocrats ngo-2020. 

Amanye amazwe ase-Europe, e-Asia nase-Africa, ayaqhaqhazela ngokunqoba kukaTrump, ngoba uyaziwa ukuthi akalali endleleni, uyindoda ebeka izwe layo phambili. 

I-dollar laseMelika lenyukile kanti irandi laseNingizimu Afrika lithole ukuntengantenga ngemuva kokuzwakala kokunqoba kukaTrump. Izinguquko ezizolethwa nguTrump zibhekwe ngabomvu umhlaba wonke.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...