Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuchwaze imelika kwatatazela umhlaba kunqoba uTrump

Kuchwaze imelika kwatatazela umhlaba kunqoba uTrump

by | 7 November 2024

MEZI JELE

APHELILE amaphupho nokuqagela uMnu uDo-nald Trump, ulunqobile ukhetho luka-2024 lokwengamela izwe laseMelika. 

UTrump (78), wamaRepublicans, wehlule uNkk Kamala Harris wamaDemocrats, obekuyiwona abephethe izintambo zombuso zakuleliya lizwe eliyisikhondlakhondla emhlabeni.

Enkulumweni yakhe yokubonga ukunqoba ayethule eFlorida izolo ngoLwesithathu, uTrump uthe uzoyelapha iMelika futhi ayipende kabusha.

“Sizolelapha leli zwe lethu, ukunqoba lokhu izwe lethu elingakaze libe nakho ngapha-mbilini,” esho.

Badumele abantu baseMelika ebebezitshela ukuthi izwe labo lizokuba nomengameli wesifazane wokuqala emlandweni walo. 

Ngemuva kokumenyezelwa kokunqoba kukaTrump, bekuchwaza eMelika, njengoba ezidlele amahlanga ePennyslvania, eGeorgia, eNorth Carolina, naseFlorida.

UTrump usebuyela okwesibili eWhite House njengoba akhishwa nguMnu uJoe Biden wamaDemocrats ngo-2020. 

Amanye amazwe ase-Europe, e-Asia nase-Africa, ayaqhaqhazela ngokunqoba kukaTrump, ngoba uyaziwa ukuthi akalali endleleni, uyindoda ebeka izwe layo phambili. 

I-dollar laseMelika lenyukile kanti irandi laseNingizimu Afrika lithole ukuntengantenga ngemuva kokuzwakala kokunqoba kukaTrump. Izinguquko ezizolethwa nguTrump zibhekwe ngabomvu umhlaba wonke.

Ezisematheni

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...