Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Uhlafuna ejeqeza uthisha ‘osatshiswa ngenxa yesikhundla’

Uhlafuna ejeqeza uthisha ‘osatshiswa ngenxa yesikhundla’

by | 21 February 2025

UHLALELE ovalweni uthisha wase-Igagasi High School, esigcemeni sakwa-U,eMlazi othola imiyalezo emsabisayo ehlobene nombango wesikhundla sesekela likathishanhloko wakuso lesi sikole.

ILANGA lithole ngomthombo walo, ongathandanga ukudalulwa ngezizathu zokuphepha ongaphakathi kulesi sikole ukuthi lo thisha wesifazane oseneminyaka ecela ku-19 eyibambile kulesi sikole, uthole lo myalezo ngo-Lwesithathu emini (ILANGA eliwubonile) othi akadlalele kude nalesi sikhundla abesigaqele. Umyalezo ufundeka kanje, “Mndeni wakho uzokuswela qhubeka nendaba ye-post yaseGagasini High School.”

Umthombo uthi lesi sigameko sesifake uvalo nakwabanye othisha njengoba nabo bezizwa bengaphephile. Uthi othisha bathukuthele bathelwa ngamanzi njengoba lo thisha engazimisele ngokubuya, futhi sekwenziwe imizamo yokuthi kuvalwe isikhala sakhe.


“Sesisebenze isikhathi eside no-memu kulesi sikole, namagalelo akhe esikoleni siyawazi. Kusiphatha kabi ukuthi kwenzeke lokhu kuye njengoba sekuphoqe ukuba angezi esikoleni njengoba esehamba abeluleki bezinqondo. Siyafisa ukuthi umnyango ulusukumele lolu daba usheshe ululungise umemu akwazi ukubyela esikoleni. Sikhuluma nje umemu ongomuye wothisha abahamba phambili esifundazweni njengoba lapha esikoleni kunendondo enikwa uthisha ovelele esifundazweni eseyihlale iminyaka lapha esikoleni ngenxa yokuzikhandla kwakhe. Ubengagcini ngokuba uthisha, kodwa ubeqeqesha nabanye othisha abasebasha,” kusho umthombo.

ILANGA likhulume nesihlobo esisondelene nalo thisha osatshiswayo (esiligodlile igama lakhe) elisilandise kabanzi ngalolu daba.


“Lolu daba lwasuka ngemuva kokuvela kwesikhala seSekela lika-thishanhloko esikoleni afundisa kusona, wafaka ke izinto zakhe nabanye othisha ababili afundisa nabo, babizelwa kwinhlolokhono nomunye oyedwa. Ngemuva kwenhlolokhono kunesikhalazo abasifakile ngenxa yokungagculiseki ngokuthile kuyo. Akuphelanga isikhathi eside befake isikhalazo kwabe sekungena lo myalezo ke efonini yakhe,” esho.


Siqhuba isihlobo sithi kusuka ngosuku lomyalezo akabange esathanda ukuya esikoleni, njengoba ngakusasa avukela ehhovisi loMnyango weMfundo lesiFunda eyobikela umhloli, wabe eseyovula icala lokusathsiswa emaphoyiseni. Uthi nakuba efisa lolu daba luphenywe kabanzi kodwa akasalubhadi eGagasini.


“Noma ingaxazululeka le nkinga kodwa kasizimisele ukuthi abuyela esikoleni, kodwa siyafisa ukuthi lolu daba lufike esiphethweni. Umtsheli nomhloli wakhe ukuthi ucela ukushintshwa kwesinye isikole, azozizwa ngiphephile kuso,” esho.
Okhulumela uMnyango weMfundo KwaZulu-Natal uMnu Muzi Mahlambi akatholakalanga ukuphawula.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...