Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kucijwe abeNeighourhood Watch ngezindlela zokubika inkohlakalo emphakathini

Kucijwe abeNeighourhood Watch ngezindlela zokubika inkohlakalo emphakathini

by | 26 June 2026

LUBE yimpumelelo uhlelo lokuqeqeshwa nokucobelela ngolwazi amalungu eNeighbourhood Watch eMlazi ehholo lomphakathi kwa-V.

Lolu hlelo beluhanjelwe ngabeCrime and Investigation Unit (CIU) abebevela kuMasipala weTheku, abavela kwaCommunity Safety and Liason nenhlanhano engenzi nzuzo, i-Azania. AbeCIU bebeyocobelela izinhlaka zokuphepha emphakathini mayelana nokubaluleka kokubika inkohlakalo esuke yenzeka noma beyibona ezikhungweni zikamaspala, okungaba wukwebiwa kwamakhebuli kagesi, wukwebiwa kwamamitha amanzi, nokuqashwa kwabantu ngendlela engalingile ezikhungweni.

Phakathi kwezinto ezibaluliwe, izinhlaka zokuphepha ebezingeneme ngakho, udaba lokwebiwa kwamakhebuli atholakala ayiswa emaphoyiseni, kodwa kwangacaca ngokuqhubeka kodaba nokuthi abuyiselwa yini kwamaspala.

Balukekwe ngokuthi uma bebona kwebiwa amakhebuli noma bewathola ebiwe, kumele babikele amaphoyisa kodwa bangagcini lapho, baphinde babikele nabeCIU ukuze izolandelela ngalokhu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...