Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kucijwe abeNeighourhood Watch ngezindlela zokubika inkohlakalo emphakathini

Kucijwe abeNeighourhood Watch ngezindlela zokubika inkohlakalo emphakathini

by | 26 June 2026

LUBE yimpumelelo uhlelo lokuqeqeshwa nokucobelela ngolwazi amalungu eNeighbourhood Watch eMlazi ehholo lomphakathi kwa-V.

Lolu hlelo beluhanjelwe ngabeCrime and Investigation Unit (CIU) abebevela kuMasipala weTheku, abavela kwaCommunity Safety and Liason nenhlanhano engenzi nzuzo, i-Azania. AbeCIU bebeyocobelela izinhlaka zokuphepha emphakathini mayelana nokubaluleka kokubika inkohlakalo esuke yenzeka noma beyibona ezikhungweni zikamaspala, okungaba wukwebiwa kwamakhebuli kagesi, wukwebiwa kwamamitha amanzi, nokuqashwa kwabantu ngendlela engalingile ezikhungweni.

Phakathi kwezinto ezibaluliwe, izinhlaka zokuphepha ebezingeneme ngakho, udaba lokwebiwa kwamakhebuli atholakala ayiswa emaphoyiseni, kodwa kwangacaca ngokuqhubeka kodaba nokuthi abuyiselwa yini kwamaspala.

Balukekwe ngokuthi uma bebona kwebiwa amakhebuli noma bewathola ebiwe, kumele babikele amaphoyisa kodwa bangagcini lapho, baphinde babikele nabeCIU ukuze izolandelela ngalokhu.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...