Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kucwebe iziziba ngekomidi elafunwa yiSilo kungqongqoshe

Kucwebe iziziba ngekomidi elafunwa yiSilo kungqongqoshe

by | 13 August 2025



IBONAKALA isiphelele emoyeni indaba yekomiti eliyisipesheli elafunwa yiSilo uMisuzulu kaZwelithini, okwakuthiwe lizophenya ngezinkinga ezikhona kwiNgonyama Trust.

Ngasekuqaleni kukaNdasa (March), iNgonyama yajuba uMnu Mzwanele Nyhontso onguNgqongqoshe wezoHlelwa kaBusha kwemiHlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, ukuba abumbe ngokushesha leli komidi okwakuthiwe kumele libe namalungu awu-12, bese elethula kuso.

Nokho kuze kube yimanje uNyhontso akakaze alimemezele leli komidi. UMnu Cassiem Khan okhulumela ungqongqoshe, uthunyelelwe imibuzo mayelana nalolu daba, kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engakayiphenduli.

Ngakolunye uhlangothi, uMntwana uThulani Zulu, okhulumela iSilo neNdlunkulu kaZulu uthi akukho mbiko anolwazi lwawo osuke wafika eNdlunkulu uqhamuka kungqongqoshe mayelana nalolu daba.

UNyhontso wayenikwe izinsuku eziyisikhombisa ukuba abumbe leli komidi, emuva komhlangano aba nawoneSilo kwaKhangelamankengane ngomhla ka-4 kuNdasa.

Ngasekupheleni kukaNdasa, uKhan watshela ILANGA ukuthi uhlelo lokuhlunga amalungu aleli komidi lusaqhubeka.

Wathi baningi abantu abavela, baphakamisa amagama abo, basho ukuthi bangakuthokozela ukuba yingxenye yalo.

UNyhontso wathi uma leli komidi seliphothule uphenyo lwalo, lizokwenza iziphakamiso ngesinyathelo okufanele sithathwe ngebhodi yeNgonyama Trust ekhona njengamanje.

UBayede wathi makusungulwe leli komidi emuva kokugqama kwemifantu yoqhekeko phakathi kwakhe namalungu ebhodi yeNgonyama Trust. Okugqamile wukuthi uqhekeko lugcine lwenza isimo saba muncu, kwangabe kusasebenzeka kahle phakathi kweSilo nebhodi.

Ezisematheni

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

‘Ubulawe wugesi’ evakashelwe yintombi

ASABAMBE ongenzansi amalungu omphakathi wakwa-V, ezakhiweni eZimeleni, eMlazi, ngowesilisa okuthiwa ushokhwe wugesi washona belungiselela ukuyolala nentombi entsha, ethi ifike endlini yakhe izomqoma. Umndeni kamufi uMnu Philani Mkhungo (36), uthi usele nemibuzo...

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

Umlingisi ufisa abaphila nokhubazeka baqashwe ezinkampanini

UMLINGISI wakumabonakude uMenzi Nxumalo uthi kuningi okusadingeka ukuba kwenzelwe abantu abaphila nokukhubazeka ukuze nabo bazibone beyingxenye yomphakathi. Enhlangnweni ayisungulile engenzinzuzo iNokusa Support for Disabled People uthi ibhekela izidingo iphinde futhi...