
“SIDINGA ukuthola imali noma kuphi, noma ngabe iyabolekwa, kukhokhwe emuva kwesikhathi esithile, ukuze kulungiswe isimo semali eMnyangweni wezeMfundo Kwa-Zulu-Natal.”
Lokhu kuvezwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ngeledlule eThekwini emhlanganweni wakhe noNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube, isekela likaNgqongqoshe uDkt Reginah Mhaule, uNgqongqoshe wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers nowezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Sipho Hlomuka.
Bahlanganiswe yizinkinga zokuthi uMnyango wezeMfundo uguqe ngedolo kwezemali. Kubunjwe ikomidi elizobhekana nalesi simo, usihlalo walo nguyena uNdunankulu uNtuli.
“Lezi zinkinga ngizixoxile nomengameli wezwe nezinselelo ezinkulu esibhekene nazo, ngicela usizo lwakhe ukuze uma kufanele ibolekwe imali, kwenzeke lokho, ikhokhwe emuva kwesikhathi esithile,” kusho uNtuli.
Wengeze ngokuthi kudingeka u-R3.4 billion, okuyimali eyengeziwe ukuze kulungiseke isimo esibhekene nesifundazwe kwezemfundo. Uthi inkinga yokuncishiswa kwesabelomali kwezemfundo iminyaka ilandelana, kwenze ukuba lo mnyango ugcine usuthola isabelo esinganelisi.
Kwenzeka lokhu nje, ngoNhlangulana (June) kuwona lo nyaka, undunankulu uthathe imali kweminye iminyango kahulumeni kwanikezwa owezemfundo u-R900 million, ukuze kuqhu-beke ukubhalwa kwezivivinyo njengoba bese kuteleka othisha ezikoleni, bethi azisabhaliseki izivivinyo, ayikho imali yokuthenga izinsizakufunda nokufundisa ezikoleni.
Izikole bezikweletwa wumnya-ngo imali yeminyaka emibili, zingayitholi. Ngakolunye uhlangothi uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, uthe nakuba izinkinga zemali zixakile ezweni kodwa KwaZulu-Natal kubekhona ubudedengu ekusetshenzisweni kwemali. Uthi le nkinga ebhekene neKwaZulu-Natal, akuyona inkinga ejwayelekile.
“Kufanele singenelele ngoba lesi sifundazwe yisona esinesibalo esikhulu sabantwana abenza umatikuletsheni kunezinye izifundazwe,” kusho uNkz Gwarube.
Uthe lesi sifundazwe sisebenzisa u-90% wemali ekukhokheleni izisebenzi. Utshele abezindaba ukuthi kuzofanele kwehliswe kuye ku-80%. Ngenxa yezinkinga ezibhekene noMnyango wezeMfundo ekusetshenzisweni kwemali, usufakwe ngaphansi kwesigaba uSection 18 okuwumthetho olawula ukuphathwa kwemali (Public Finance Management Act).
Lokhu kusho ukuthi konke oku-zokwenziwa wumnyango kumele kuvunywe yihhovisi likamgcinimafana, uNgqongqoshe wezeMali, uMnu Francois Rodgers. Emasontweni edlule uMnyango wezeMfundo ubufuna ukuthenga izincwadi ezizosetshenziswa ngonyaka ozayo ezikoleni.
Lokho kuchithiwe kwathiwa ayikho imali. Ngokwesitatimende esikhishwe yihhovisi likamgcinimafa, sithe akugunyazwangwa ukuthengwa kwezincwadi ngenxa yokuthi kuzosuka uthuthuva uma osomabhizinisi sebewenzile lo msebenzi, bese bengakhokhelwa.
Siveza ukuthi uMnyango weze-Mfundo awusavunyelwe ukuthatha izinqumo zokusebenzisa imali yawo ngaphandle kokugunya-zwa yihhovisi likamgcinimafa. Kubikwa ukuthi ukungaphatheki kahle kwemali kwezemfundo, kwenzeke ku-2024/2025.
Lokhu kusho ukuthi njalo uma kunezinhlelo zokuthenga ezenziwa wumnyango wezemfundo, kufanele owezemali uqinisekise ukuthi imali yokukhokhela lezo zindleko ikhona. Okhulumela uMnyango wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Nkosikhona Duma, uthe okwamanje uMnyango wezeMfundo awunayo imali yokuthenga izinsiza zokufu-nda nokufundisa konyaka ozayo.
“Le minyango yomibili isithathe isinqumo sokuzibophezela ukusebenza ngokubambisana ukuze le nkinga ixazululeke,” esho.







