Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Seliqalile uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu zamasosha abulawa eDRC

Seliqalile uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu zamasosha abulawa eDRC

by | 9 February 2025

KULINDELEKE ukuthi itheleke kuleli sonto elizoqala imizimba yamasosha aseNingizimu Afrika abulawa ngesikhathi etholana phezulu namavukelambuso e-M23 Democratic Repablic Of Congo ngokusho kwe-SANDF.

La masosha abejutshwe yi-South African Development Community ukuba ayiba yingxenye yokugcina ukuthila empini eqhubeka kuleli yazwe.

Ngokusho kwe-SABC okhulumela iSANDF uSiphiwe Dlamini uthe imizimba yala masosha izobuyela eNingizimu Afrika uma lonke uhlelo lokubuyiselwa kwabo seliphothiliwe e-Uganda.

UDlamini ucashunwe ethi imizimba yala masosha yathathwa yahanjiswa Entebbe e-Uganda ukuze kuqale uhlelo lokuhlonzwa kwezidumbu.

“Lolu hlelo kubhekwe ukuthi luphothulwe ngoLwesibili,” kusho uDlamini eveza ukuthi bazoqhubeka nokwazisa abantu bakuleli ngokuzokwenzeka kusukela ngoLwesibili.

Khonamanjalo ngoMsombuluko kulindeleke ukuthi kube nenkulumongxoxo ePhalamende likazwelonke mayelana nokubulawa kwala masosha awu-14.

Kule nkumongxoxo eyisipesheli kulindeleke ukuthi wonke amalungu eKhabhinethi kaMnu Cyril Ramaphosa abeyingxenye yalo mhlangano.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi umengameli Ramphosa ethula inkulumo yesizwe wamemezela ukuthi ama-flag akuleli mawehliswe aphephezeliswe phansi ngenhloso yokuhlonipha la masosha.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...