Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umlingisi ucacisa ngokuhlukana nomdlalo we-etv

Umlingisi ucacisa ngokuhlukana nomdlalo we-etv

by | 5 December 2024

LUCKY CAIN

UMLINGISI wodumo uCharmaine Mtinta ucacisa ngokulaxaza umdlalo kamabonakude owuchungechunge iSmoke and Mirrors ekhonjiswa esiteshini sikamabonakude esizimele i-etv.

UCharmaine odlala indawo kaNomeva kulo mdlalo kusabalale izindaba zokuthi usewulaxazile lo mdlalo ngenxa yokuvumelani ngendlela yokusebenza kulo mdlalo.

Eminye imibiko esabalalile wukuthi ukhonjwe indlela ngenxa yokuzikhukhumeza nokufuna ukuphathiswa okwaqanda ukudlula abanye abalingisi.

Esitatimendeni asikhiphile lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude uvumile ukuthi nebala seligqabukile igoda lokusebenza phakathi kwakhe nalo mdlalo.

Uyichithile imibiko yokuzikhukhumeza nokuthi ukhonjwe indlela.

Uthe le mibiko iyamthunaza futhi ibeka ikusasa lokusebenza kwakhe engcupheni.

Ecacisa ngokwenzekile uthe uxhumane ngendlela ehambisana nokusebenza nabaphathi balo mdlalo babonisana ngendawo yakhe kuwona.

“Nakuba sigcine ngokungavumelani kodwa izingxoxo zethu zihambe kahle futhi sanikezana inhlonipho efanele,” kuchaza lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo iYizo Yizo, Isibaya, How To Ruin Christmas, The River, Scandal! neminye.

Uthe usazimisele nokuqhubeka nokuvezela abantu ikhono lakhe kulo mkhakha ngaphambi kokuthi adlulise ukubonga.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...