Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Umlingisi ucacisa ngokuhlukana nomdlalo we-etv

Umlingisi ucacisa ngokuhlukana nomdlalo we-etv

by | 5 December 2024

LUCKY CAIN

UMLINGISI wodumo uCharmaine Mtinta ucacisa ngokulaxaza umdlalo kamabonakude owuchungechunge iSmoke and Mirrors ekhonjiswa esiteshini sikamabonakude esizimele i-etv.

UCharmaine odlala indawo kaNomeva kulo mdlalo kusabalale izindaba zokuthi usewulaxazile lo mdlalo ngenxa yokuvumelani ngendlela yokusebenza kulo mdlalo.

Eminye imibiko esabalalile wukuthi ukhonjwe indlela ngenxa yokuzikhukhumeza nokufuna ukuphathiswa okwaqanda ukudlula abanye abalingisi.

Esitatimendeni asikhiphile lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni eyahlukene kumabonakude uvumile ukuthi nebala seligqabukile igoda lokusebenza phakathi kwakhe nalo mdlalo.

Uyichithile imibiko yokuzikhukhumeza nokuthi ukhonjwe indlela.

Uthe le mibiko iyamthunaza futhi ibeka ikusasa lokusebenza kwakhe engcupheni.

Ecacisa ngokwenzekile uthe uxhumane ngendlela ehambisana nokusebenza nabaphathi balo mdlalo babonisana ngendawo yakhe kuwona.

“Nakuba sigcine ngokungavumelani kodwa izingxoxo zethu zihambe kahle futhi sanikezana inhlonipho efanele,” kuchaza lo mlingisi oseke wabonakala emidlalweni okubalwa kuyo iYizo Yizo, Isibaya, How To Ruin Christmas, The River, Scandal! neminye.

Uthe usazimisele nokuqhubeka nokuvezela abantu ikhono lakhe kulo mkhakha ngaphambi kokuthi adlulise ukubonga.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...