Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kudunguzele irandi iMelika igadla kwi-Iran

Kudunguzele irandi iMelika igadla kwi-Iran

by | 23 June 2025

INTATHELI YELANGA

INTUTHU eshunqe ngesikhathi iMelika igadla ngamabhomu kwi-Iran ngempelasonto, ixhophe irandi, ladunguzela, kwathinteka nentengo kawoyela ongahluziwe – okunyusa ingebhe yokuthi hleze lo mkhuhlane wandise kakhulu kunakuqala umthwalo kubathengi baseNingizimu Afrika, abavele bedonsa kanzima.

IMelika ingena ngenxeba elivulwe yi-Israel, ehlasele i-Iran ngoba ithi kayifuni ukulinda amathonsi abanzi, kwazise iyisola ngokuthi yakha izikhali zenuzi, yize izinhloli noHulumeni waseMelika bethe ophenyweni lwabo bathole ukuthi i-Iran ihlaselwa nje, ibengekho ezinhlelweni zokwakha lezi zikhali. UMengameli waseMelika, uMnu Donald Trump, ukusho kwagcwala umlomo ngeledlule ukuthi izinhloli zezwe lakhe ziqamba amanga aluhlaza, i-Iran iyazakha lezi zikhali.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi ihlasela okokuqala i-Israel – osekuneminyaka inobudlelwano obumuncu ne-Iran – kufe nabakhuzi bezempi abaphezulu base-Iran. Kubikwa ukuthi sekufe abantu abangaphezu kuka-800 selokhu i-Israel iqalile ukuhlasela.

Ngempelasonto, iMelika –  okuyinto eyaziwayo ukuthi iyizintethe ezibelethene ne-Israel – igadle ezizindeni ezintathu zenuzi e-Iran, okuyiFordow, i-Isfahan neNatanz. Lokhu kuhlasela kulandelwe ngamazwi kaTrump, othe bazivithizile lezi zizinda, wasabisa ngokuthi bazoqhubeka nokugadla kuleliya lizwe, ukulikhinyabeza emshikashikeni walo wezikhali zenuzi. 

Emuva kokuba abahwebi bepopole izigameko zangempelasonto njengoba ne-Iran isabise ngokuziphindisela ngokugadla ezinkanjini zeMelika eziseMiddle East, kuvele kwanyuka ingebhe kubatshalimali. Izimakethe zivulwe namhlanje ngoMsombuluko idola selithole amandla uma liqhathaniswa nemali yakwamanye amazwe. Beliwu-R18.05 – emalini yaseNingizimu Afrika – uma kuqhathaniswa no-R17.96 okuvalwe ngawo ngoLwesihlanu. Sekuwumlando-ke ukuthi i-Israel igasela e-Iran nje, imatasa nasePalestine – igadla iphindelela – kusukela iqembu lezihonga (lasePalestine) lahlasela kwelamaJuda mhla ka-7 ku-October 2023. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...