Ilanga News
Home 9 Featured 9 Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

by | 17 January 2025

Iqembu Umkhonto weSizwe (MK) Party selimemezele ukuthi usesulise esikhundleni sakhe uDkt Thanti Mthanti obengumgcinimafa-jikelele walo.

Leli qembu lithi umholi walo, uMnu Jacob Zuma, uthole incwadi yokwesula kukaMthanti kuleli sonto, futhi wasemukela isicelo sakhe.

Bekungapheli sikhathi esingakanani uMthanti ehleli kulesi sigqiki njengoba eqokwe nguZuma ngasekupheleni konyaka odlule.

“Isinqumo sakhe sokwesula usithathe ngemuva kokuhlolisisa isimo sakhe nezinto ezimbhekile ezithinta yena qobo neminye imisebenzi ayenzayo.

“UDkt Mthanti uyisebenzele ngokuzinikela inhlangano selokhu isunguliwe. Ubengumholi oqotho ezikhundleni ezehlukene njengoba eke waba ngumdidiyeli weNational High Command eWestern Cape, waphinde waba ngusihlalo wekomiti lezokuxhumana,” kusho uMnu Sipho Tyira, okhulumela iMK Party, esitatimendeni.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...