Ilanga News
Home 9 Featured 9 Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

Wesulile esikhundleni obengumgcinimafa weMK Party

by | 17 January 2025

Iqembu Umkhonto weSizwe (MK) Party selimemezele ukuthi usesulise esikhundleni sakhe uDkt Thanti Mthanti obengumgcinimafa-jikelele walo.

Leli qembu lithi umholi walo, uMnu Jacob Zuma, uthole incwadi yokwesula kukaMthanti kuleli sonto, futhi wasemukela isicelo sakhe.

Bekungapheli sikhathi esingakanani uMthanti ehleli kulesi sigqiki njengoba eqokwe nguZuma ngasekupheleni konyaka odlule.

“Isinqumo sakhe sokwesula usithathe ngemuva kokuhlolisisa isimo sakhe nezinto ezimbhekile ezithinta yena qobo neminye imisebenzi ayenzayo.

“UDkt Mthanti uyisebenzele ngokuzinikela inhlangano selokhu isunguliwe. Ubengumholi oqotho ezikhundleni ezehlukene njengoba eke waba ngumdidiyeli weNational High Command eWestern Cape, waphinde waba ngusihlalo wekomiti lezokuxhumana,” kusho uMnu Sipho Tyira, okhulumela iMK Party, esitatimendeni.

Ezisematheni

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

Umbhishobhi ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe iMK Party

UMBHISHOBHI Sandile Ndlela, webandla iMethodist Church eNtuzuma, ukhala ngokunganakwa yiqembu lakhe uMkhonto weSizwe Party (MKP) athi uphethe iNational Religious Desk kulona, njengoba esanda kushiselwa umuzi. Uthi njengoba bekunomoya omkhulu izolo ngoMgqibelo,...

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

Odilika abawu-6 kowadlwengula isisulu eduze kwethuna likayise

IKHALE ngokungabi nanembeza nokwedelela ngokudlwengulwa kwesisulu eduze kwethuna likayise, iMantshi uW.J.J Schutte, igweba “umalugaju” waseRichards Bay. Lokhu kwenzeke ngoMsombuluko, ngesikhathi iNkantolo yesiFunda saseRichards Bay, igixabeza lo “malugaju” uSanele...