UTHI uyaqhubeka nomsebenzi wakhe uMnu Vela Mngwengwe, oyiCEO yeNgonyama Trust, nakuba yena noMnu Siyamdumisa Vilakazi oyiCFO, namanye amalungu ebhodi yale nhlangano benikwe izincwadi ezibazisa ngokumiswa kwabo yiSilo uMisuzulu kaZwelithini ezikhundleni zabo.
Ngeledlule iSilo, njengoSihlalo webhodi yeNgonyama Trust, siveze ukuthi sikhethe ukumisa laba baholi namalungu ayisithupha ngenxa yokungabethembi ukwenza umsebenzi wale bhodi ngendlela efanele. Kuvele nokuthi iSilo siqashe abaphenyi abazimele ukuphenya isimo semali sale nhlangano eyengamele umhlamba ongama-hectare acela ku-3 million, egameni lamaZulu.
Ekhuluma neSAFM namuhla ngoLwesine ekuseni, uMngwengwe uthe umqashi wakhe nguNgqongqoshe wezokuHlelwa kwemiHlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya, uMnu Mzwanele Nyhontso, hhayi iSilo.
“Njengoba uNgqongqoshe (uNyhontso) eshilo, iNgonyama Trust wuhlaka lukahulumeni, olubunjwe ngaphansi komthethosisekelo. Ngokomthetho, iSilo kasinawo amandla okuxosha amalungu ebhodi noma izisebenzi zeNgonyama Trust,” esho.
NgoMsombuluko ungqongqoshe uthe usazoqhubeka nokusebenzisana namalungu ebhodi ngoba ‘ukuxoshwa’ kwawo kakuhambisana nomthethosisekelo wezwe.
Kwenzeka lokhu nje, iSilo sisanda kumemezela ukuthi sihoxiswe obengundunankulu waso uMfu Thulasizwe Buthelezi esikhundleni sakhe.
Kayiphumelelanga imizamo yokuthola uMntwana uSimphiwe Zulu okhulumela iSilo, ukuphawula ngalolu daba.