Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudutshulwe kwabulawa abanye abathathu eMaoti

Kudutshulwe kwabulawa abanye abathathu eMaoti

by | 9 March 2025

IZITHOMBE ngabeReaction Unit South Africa.



ZILOKHU zande njalo izigameko zokubulawa kwabantu ngesibhamu eMaoti, eThekwini. Esigamekweni sakamuva, izolo ngoMgqibelo, kudutshulwe kwabulawa abesilisa abathathu, kwalimala owesifazane oyedwa endaweni ebizwa ngeNigeria (khona eMaoti).

Ngokusho kwabenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (Rusa), babizwe endaweni enezindlu zemiqasho kusihlwa izolo, lapho befice khona izidumbu ezimbili endlini eyodwa nesisodwa kwenye indlu.

Kubikwa ukuthi abafi (ababili) bebezidlela amanzi amponjwana ngesikhathi kungena izigebengu, zibabamba inkunzi, maqede zabadubula amahlandla amaningi. Kuthiwa izelelesi zibe sezidlulela kwenye indlu, zafike zadubula isizulu sesithathu, isidumbu saso esitholwe ngaphansi kombhede.

Owesifazane obehleli nabafi ababili udubuleke emnweni, kanti kuthiwa kutholakale inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu zesibhamu sohlobo lwe-9mm.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...