Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kudutshulwe kwabulawa abanye abathathu eMaoti

Kudutshulwe kwabulawa abanye abathathu eMaoti

by | 9 March 2025

IZITHOMBE ngabeReaction Unit South Africa.



ZILOKHU zande njalo izigameko zokubulawa kwabantu ngesibhamu eMaoti, eThekwini. Esigamekweni sakamuva, izolo ngoMgqibelo, kudutshulwe kwabulawa abesilisa abathathu, kwalimala owesifazane oyedwa endaweni ebizwa ngeNigeria (khona eMaoti).

Ngokusho kwabenkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa (Rusa), babizwe endaweni enezindlu zemiqasho kusihlwa izolo, lapho befice khona izidumbu ezimbili endlini eyodwa nesisodwa kwenye indlu.

Kubikwa ukuthi abafi (ababili) bebezidlela amanzi amponjwana ngesikhathi kungena izigebengu, zibabamba inkunzi, maqede zabadubula amahlandla amaningi. Kuthiwa izelelesi zibe sezidlulela kwenye indlu, zafike zadubula isizulu sesithathu, isidumbu saso esitholwe ngaphansi kombhede.

Owesifazane obehleli nabafi ababili udubuleke emnweni, kanti kuthiwa kutholakale inqwaba yamagobolondo ezinhlamvu zesibhamu sohlobo lwe-9mm.

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...