Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 Ugogodile obecwaninga ngeqhaza labaholi bomdabu ekulweni nokuhlukunyezwa

Ugogodile obecwaninga ngeqhaza labaholi bomdabu ekulweni nokuhlukunyezwa

by | 15 May 2025

WENZE ucwaningo kabanzi ngeqhaza labaholi bomdabu ekuqedeni kwabo udlame lokuhlukumezana kwabantu ngokubulili nodlame lwasemakhaya. UNkk Nto’mpela Bhengu waseXobho, uthweswe iziqu zeMasters Degree kwezomthetho, e-University of KwaZulu-Natal ecwaninga ngesihloko esithi “Indima yezinduna namakhosi ekuqedeni ukuhlukumezana kwabantu ngokobulili”.

Uthe okumenze wacwaninga ngalesi sihloko, kungenxa yokuthi usebhekane kakhulu namacala alezi zigameko njengoba esebenza eNkantolo yeMantshi eXobho. Uthi ngaphambi kokuba aqokelwe isikhundla sokuba iMantshi kule nkantolo, ubekade engumshushisi.

Utshele ILANGA ukuthi ubone inkinga enkulu kubantu uma bebika ngokuhlukunyezwa kwabo emiphakathini nasemindenini, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Uthi yilapho ebone khona iqhaza lezinduna namakhosi kulamacala.


“Ngesikhathi ngiqala ukubhekana namacala athinta ukuhlukumezana kwemindeni, ngibukisise kabanzi indlela izinduna namakhosi ebezisingatha ngayo lezi zinkinga, okuyilapho kufike khona kimi ugqozi lokuthi ngicwaninge ngomsebenzi wobukhosi bumdabu kulamacala. Ngithole ukuthi kunamathuba amaningi amahle okuthi uma izinkantolo zamakhosi, zinganikezwa amandla okukhipha izincwadi zesivimbelo senkantolo, ungalekeleleka umphakathi ngenxa yokuthi ezinkantolo lezi esisebenza kuzona, kuyavalwa ngezimpelasonto kanti abantu usizo balufuna nsuku zonke. Ngakho-ke abaholi bangasiza kakhulu ezincwadini zezivimbelo kudlame lwasemakhaya,” esho.


Utshele leli phephandaba ukuthi abaholi bomdabu abangafundile, bangakhipha isinqumo ngomlomo bese omabhalane babo babhale phansi isinqumo, bakhiphe incwadi yesivimbelo. Uthi lokhu kungenzeka ngokuthi zifundiswe izinduna namakhosi.
“Nathi siyaqeqeshelwa lo msebenzi, ngakho-ke nabo ubuholi bomdabu bunganikezwa amakilasi,” kusho uNkk Bhengu.


Utshele ILANGA ukuthi ucwaningo lwakhe luphakamisa nokuthi umthetho wokusebenza kwezinkantolo zomdabu, ubuyekezwe zinikezwe igunya lokukhipha lezi zincwadi. Uthi abaholi bomdabu banobuciko bokuxazulula izinkinga nokuxabana kwemindeni. Uveze ukuthi ngokocwaningo lwakhe, maningi amathuba okuthi lokhu kungenzeka ngenxa yokuthi abantu basezindaweni ezingaphansi kwamakhosi, bayakholelwa kwabomdabu,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...