Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 Ugogodile obecwaninga ngeqhaza labaholi bomdabu ekulweni nokuhlukunyezwa

Ugogodile obecwaninga ngeqhaza labaholi bomdabu ekulweni nokuhlukunyezwa

by | 15 May 2025

WENZE ucwaningo kabanzi ngeqhaza labaholi bomdabu ekuqedeni kwabo udlame lokuhlukumezana kwabantu ngokubulili nodlame lwasemakhaya. UNkk Nto’mpela Bhengu waseXobho, uthweswe iziqu zeMasters Degree kwezomthetho, e-University of KwaZulu-Natal ecwaninga ngesihloko esithi “Indima yezinduna namakhosi ekuqedeni ukuhlukumezana kwabantu ngokobulili”.

Uthe okumenze wacwaninga ngalesi sihloko, kungenxa yokuthi usebhekane kakhulu namacala alezi zigameko njengoba esebenza eNkantolo yeMantshi eXobho. Uthi ngaphambi kokuba aqokelwe isikhundla sokuba iMantshi kule nkantolo, ubekade engumshushisi.

Utshele ILANGA ukuthi ubone inkinga enkulu kubantu uma bebika ngokuhlukunyezwa kwabo emiphakathini nasemindenini, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. Uthi yilapho ebone khona iqhaza lezinduna namakhosi kulamacala.


“Ngesikhathi ngiqala ukubhekana namacala athinta ukuhlukumezana kwemindeni, ngibukisise kabanzi indlela izinduna namakhosi ebezisingatha ngayo lezi zinkinga, okuyilapho kufike khona kimi ugqozi lokuthi ngicwaninge ngomsebenzi wobukhosi bumdabu kulamacala. Ngithole ukuthi kunamathuba amaningi amahle okuthi uma izinkantolo zamakhosi, zinganikezwa amandla okukhipha izincwadi zesivimbelo senkantolo, ungalekeleleka umphakathi ngenxa yokuthi ezinkantolo lezi esisebenza kuzona, kuyavalwa ngezimpelasonto kanti abantu usizo balufuna nsuku zonke. Ngakho-ke abaholi bangasiza kakhulu ezincwadini zezivimbelo kudlame lwasemakhaya,” esho.


Utshele leli phephandaba ukuthi abaholi bomdabu abangafundile, bangakhipha isinqumo ngomlomo bese omabhalane babo babhale phansi isinqumo, bakhiphe incwadi yesivimbelo. Uthi lokhu kungenzeka ngokuthi zifundiswe izinduna namakhosi.
“Nathi siyaqeqeshelwa lo msebenzi, ngakho-ke nabo ubuholi bomdabu bunganikezwa amakilasi,” kusho uNkk Bhengu.


Utshele ILANGA ukuthi ucwaningo lwakhe luphakamisa nokuthi umthetho wokusebenza kwezinkantolo zomdabu, ubuyekezwe zinikezwe igunya lokukhipha lezi zincwadi. Uthi abaholi bomdabu banobuciko bokuxazulula izinkinga nokuxabana kwemindeni. Uveze ukuthi ngokocwaningo lwakhe, maningi amathuba okuthi lokhu kungenzeka ngenxa yokuthi abantu basezindaweni ezingaphansi kwamakhosi, bayakholelwa kwabomdabu,” esho.
mthobisis@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...