
USASHAQEKILE namanje umndeni kathisha odutshulwe ngenqwaba yezinhlamvu kubuka izingane zakhe nomndeni, edutshulwa ngabebezenza amaphoyisa e-Uitval, eMnambithi.
Kubikwa ukuthi uNkz Mbali Sithole (40) obefundisa eDumangobuhle Primary, eMnambithi, udutshulwe kubuka amalungu omndeni wakhe, okuthe uma umfowabo ezama ukungenelela naye bamdumbula walimala. Kubikwa ukuthi umfowabo kamufi uthuswe ukuzwa ukuqhuma kwesibhamu wabe eseyobheka endlini ukuthi kwenzekani, abasolwa babe sebemdubula naye waphuthunyiswa esibhedlela isimo sakhe sisibi. Kusolwa ukuthi ukubulawa kukaNkz Sithole kuhlobene nengxabano abenayo nowesilisa abenobudlelwano naye phambilini.
Umthombo weLANGA okuleya ndawo uthi uNkz Sithole ubulawa nje bekunesikhathi abasolwa bezulazula emgwaqweni wangakubo, ngeFord Ranger.
“Sizwe kuthiwa ngesikhathi abasolwa bezulazula emgwaqweni, babuze kwelinye ilungu lomndeni ukuthi ukuphi nendawo uMbali, lamulandula njengoba ubengekho ekhaya.
Kuhambe isikhathi waze wafika uMbali sekuhwalele njengoba ubesemhlanganweni wokukhethwa kwe-BEC (branch executive committee) yeNATU (National Teachers Union). Kuthe uma engena nje egcekeni ekhaya, abasolwa bamlandela, bangena. Bafike bacela yena, umndeni wababuza ukuthi bangobani futhi bamfunelani. Abasolwa bephendule ngokuthi bangamaphoyisa, baze bakhipha nezigqebhezana zamaphoyisa, bathi bamfunela icala lokushaya ingane esikoleni.
Kuthe uma bebona ukuthi akaqhamuki uMbali, badonsa omunye wodadewabo bethi akayombheka kanti bazombona njengoba ubesegalaji eqeda kupaka imoto yakhe. Bamdonse ngengalo bamhlalisa phansi. Ubabuze ukuthi ngelani icala avulelwe lona ngoba ubengayanga nasesikoleni. Uqede ukubuza lokho bakhipha isibhamu bamdubula phambi komndeni ubuka, nezingane zakhe ezintathu. Umfowabo uphuthume eyozama ukulamula naye bamdubula,” kuchaza ilungu lomndeni.
Leli lungu lomndeni lithi kabazi noma ukubulawa kukaNkz Sithole kuhlobene yini nombango odla lubi eMnyangweni wezeMfundo njengoba esikoleni sakhe bekunesikhundla esivulekile sikathishanhloko, abangazi noma naye ubesigaqele yini.
ILANGA lithole ukuthi ababulali bamdubule umufi ngisho eselele phansi befuna ukwenza isiqiniseko sokuthi bamshiya efile. Okunye okuvelile wukuthi uNkz Sithole ubulawa nje, ubeke waba nengxabano nowesilisa ake aba nobudlelwano bezothando naye phambilini.
Kuthiwa kukhona ngisho umqhafazo lo wesilisa awuthumelele umufi ezinsukwini, esola umufi ngokuthi umthengele izinkabi. Kuthiwa uNkz Sithole uwukhombise umndeni ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba abulawe.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe bakhathazekile ngesigameko sokubulawa kukathisha obeyikusasa elihle labafundi nomphakathi.
“Sizolandela ophenyweni lwamaphoyisa ukuze sibone ukuthi ukufa kukathisha kuhlobene yini nesikhundla emnyangweni wezemfundo – ekugcineni lizovela iqiniso. Siduduza umndeni, othisha esikoleni nabantwana,” kusho uMnu Mahlambi.
Ngakolunye uhlangothi uMengameli weNational Teachers Union (Natu) uMnu Sbusiso Malinga uthi bashaqekile ngesigameko.
“Sicela ukuthi amaphoyisa ayiphenye, aqinisekise ukuthi abenzi bokubi bayajeza. Umuntu obulala uthisha akanawo unembeza ngoba yikusasa lezingane leli elicekeleka phansi. Sikhathazekile ukulinyalelwa yilungu ngoba ubuholi beNatu siyabazi ukuthi buqotho uma buphathiswe amandla,” esho.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConst Thenjiswa Ngcobo uthe amphoyosa aphenya icala lokubulala nelokuzama ukubulala emuva kokuba owesifazane oneminyaka engama 40 edutshulwe washona. Uthe kulesi sigameko kudutshulwe nowesilisa yena ophuthunyiswe esibhedlela.