Ilanga News
Home 9 Featured 9 Umsindo ngethenda ka-30 million yokudla eThekwini

Umsindo ngethenda ka-30 million yokudla eThekwini

by | 29 June 2025


AMAQEMBU aphikisayo kumkhandlu-dolobha iTheku, ayavutha bhe, afuna kuphenywe ngethenda ka-R30 million, yokuhambisa ukudla emawadini anabantu abahlwempu ngaphansi kukamasipala.

Lokhu kuvele emhlanganweni wawo wonke amakhansela (Full Council Meeting), obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini, ngoLwesine.

UMnu Zwakele Mncwango we-ActionSA, nguyena umvusi wenyamazane, othe iMenenja kaMasipala, uMnu Musa Mbhele, mayijube uphenyo ngezinka-mpani ezithole le thenda ngoba kunomkhonyovu abawusolayo.

“Okukuqala akuwona wonke amawadi anama soup-kitchen, lapho leli sobho nezinkwa kufikela khona bese kuphakelwa abantu. Kukhona abantu okuthiwa banezinkampani ezintathu nezine umuntu eyedwa, ezenza umsebenzi wokusabalalisa lokhu kudla. Ngeke sithule imali yabakhokhi bentela, icebisa idlanzana labantu eThekwini,” esho.

Kube nemvunge evela kumakhansela e-ANC nawe-IFP, bethi lolu hlelo lokuphakela abantu isobho nezinkwa emawadini luyasiza njengoba izinga lobubha nokwentuleka kwemisebenzi kuphezulu emalokishini.

IKhansela uS’thembiso Mzimela eliphethe kwi-ward-40, okuyizigceme uC-no-D KwaMashu, iSiyanda neSolezwe, lithi iDA ne-ActionSA, bakhala ngalolu hlelo nje, yingoba kawekho ama-soup kitchen emawadini abo.

“UMncwango ufuna kuphenywe ngalolu hlelo lokuphakela abantu, yingoba akakaze abe yikhansela lewadi. Makafike KwaMashu, abone inqwaba yabantu ishaye ujenga, izokwemukela leli sobho nezinkwa nsuku zonke.

“Liphezulu izinga lendlala njengoba abantu bengasebenzi. Uma luphazanyiswa lolu hlelo, siyobe sibulala abantu abasikhetha ukuthi sibahole. Sifisa ukuthi lolu hlelo lube khona kuwona wonke amawadi eThekwini, ngoba abantu bakhungethwe yindlala njengoba bengasebenzi,” kusho uMzimela.

UMncwango uthe akasho ukuthi uhlelo lokulethela abantu ukudla emawadini maluqedwe, kodwa ufuna kuphenywe indlela oluqhutshwa ngayo, ngenxa yokuhlomula kwabantu abathile kulona.

USomlomo womkhandlu uMnu Thabani Nyawose, uthe makuvotwe kubonakale ukuthi amakhansela ayakweseka yini ukuthi kuqale uphenyo ngale thenda ka-R30 million, yokusabalalisa ukudla. Sekuvotwa, amakhansela amaningi athe kawahambisani nokuthi kube nophenyo.

Ezisematheni

Uzokwandulelwa ngemicimbi yekhethelo owoGu Jazz Festival

Uzokwandulelwa ngemicimbi yekhethelo owoGu Jazz Festival

UZOKWANDULELWA ngemicimbi yekhethelo umcimbi waminyaka yonke Ugu Jazz Festival okulindeleke ukuthi uhehe izinkulungwane zabantu ogwini oluseningizimu neKwaZulu Natal ozoba ngomhla ka-27 kuJune nonyaka. Lo mcimbi we-jazz ukhuze ibuya ngonyaka owedlule njengoba...

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

I-IFP izokhankasa ngobuso bukaShenge nobukaHlabisa

ZIBUKEKA kanjena izikhibha ze-IFP ezokhankasa ngazo njengoba kuza ukhetho luHulumeni baseKhaya. ISIGUNGU esiphezulu seNkatha Freedom Party (IFP) sesithathe isinqumo sokuthi kusetshenziswe ubuso boMntwana waKwaPhindangene, iNkosi uMangosuthu Buthelezi noMengameli wayo...