
KUGQUGQUZELWE intsha ikakhulukazi eyesifazane, engaphansi kwezindawo iNanda, iNtuzuma neKwaMashu (INK), ukuba ingene igxile emkhakheni yezeSayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo (STEM careers).
Lokhu kwenzeke izolo ngesikhathi kwethulwa emphakathini ngokusemthethweni indawo yokufunda izifundo zesayensi, Science Centre of Excellence, elungisiwe, ese-Ink Learning Centre, eKwaMashu. Le ndawo ilungiswe kabusha yinhlangano engenzi nzuzo, i-Protec STEM. Echaza ngale ndawo uMnu Lukas Duli, okunguye oyibhekelele, uthi izoba wusizo ukukhuluma njengoba izikole eziningi ezingaphansi kwe-INK zingenazo izindawo zokufunda isayensi, ama-lab.
“Isinyathelo esifana nalesi asihlukile nokutshala ekusaseni lezwe lethu ngoba baningi abafundi abazohlomula ngale ndawo, njengoba izikole eziningi ezingaphansi kwe-INK zingenawo ama-lab esayensi. Isikhungo sivuleleke kunanoma ubani.”
“Sifisa lesi sikhungo sibe wusizo nasekuqedeni izinkoleloze zokuthi abafundi besifazane ngeke bakwazi ukuzakhela ikusasa emikhakheni yesayensi, ubuchwepheshe, ubunjiniyela nezibalo. Le nkolelo kayilona iqiniso ngoba uma ubuka imiphumela yakamuva yakwaMatric, uzobona ukuthi kukhonya abafundi besifazane. Yikho ke sibagqugquzela (abesifazane) ukuba basisebenzise lesi sikhungo, bazakhele ikusasa ,” esho.







