Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufe ababili bedubulana namaphoyisa Olundi

Kufe ababili bedubulana namaphoyisa Olundi

by | 7 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

BASALE  enkundleni abalisa ababili abasolwa ngokuba yizinkabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMahlabathini, Olundi, ngaphansi kwesifunda iZululand, ngoLwesithathu. 

Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole umkhondo ngabesilisa abebehamba ngemoto yohlobo lweVW Polo ebomvu, okuthiwa bebesendleleni, beyosoconga usomatekisi eMahlabathini. 

Ngokwesitatimende, amaphoyisa abone le moto emgwaqweni uP700 eMahlabathini, ayimisa. Kubikwa ukuthi ivele wama phakathi nomgwaqo, kwehla abalisa ababili, bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. 

Amaphoyisa aphindiselile, babe sebedubuleka laba besilisa, bashonela khona lapho. 

Kube sekuthokala izibhamu ezintathu nezinhlamvu, kanti uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi esinye sazo sebiwa eMacekane Reserve, eMthunzini. 

Kulesi sigameko kalikho iphoyisa elilimele.

Ezisematheni

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNtuli ucacisa eyokungaklonyeliswa kukaMkhwanazi

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi...

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

Lizovulwa ngenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota ezikhungweni

LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto. Kuzokhumbuleka...

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

Kukhuzwa abasabalalisa okungaqinisekisiwe ngolukaDkt Mahlaba

UMNDENI unxusa umphakathi nabezindaba ukuba bayeke ukusabalalisa izinsolo nemibiko engaqinisekisiwe ngokudlula emhlabeni kukaDkt Ntuthuko Mahlaba (osesithombeni), okuvela ukuthi ushayiswe yimoto ngoMgqibelo ekuseni ngesikhathi ezivaocavoca. Isitatimende somndeni...