Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufe ababili bedubulana namaphoyisa Olundi

Kufe ababili bedubulana namaphoyisa Olundi

by | 7 November 2024

SKHOSIPHI MTHEMBU

BASALE  enkundleni abalisa ababili abasolwa ngokuba yizinkabi ngesikhathi bedubulana namaphoyisa eMahlabathini, Olundi, ngaphansi kwesifunda iZululand, ngoLwesithathu. 

Kubikwa ukuthi amaphoyisa athole umkhondo ngabesilisa abebehamba ngemoto yohlobo lweVW Polo ebomvu, okuthiwa bebesendleleni, beyosoconga usomatekisi eMahlabathini. 

Ngokwesitatimende, amaphoyisa abone le moto emgwaqweni uP700 eMahlabathini, ayimisa. Kubikwa ukuthi ivele wama phakathi nomgwaqo, kwehla abalisa ababili, bavulela ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni. 

Amaphoyisa aphindiselile, babe sebedubuleka laba besilisa, bashonela khona lapho. 

Kube sekuthokala izibhamu ezintathu nezinhlamvu, kanti uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi esinye sazo sebiwa eMacekane Reserve, eMthunzini. 

Kulesi sigameko kalikho iphoyisa elilimele.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...