Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu 9 Kufezeke iphupho kuSthabile enqoba koweGagasi

Kufezeke iphupho kuSthabile enqoba koweGagasi

by | 7 October 2025

UZIMISELE ngokuqhubeka nokukhula ngaphakathi kwiGagasi FM uSthabile Mazubane, omenyezelwe njengodle umhlanganiso emncintiswaneni walo msakazo wokuthungatha umethuli weVodcast yawo kwi-App, obizwa ngeGagasi FM Rising Star.

USthabile (33) wasePietermaritzburg, umenyezelwe yisikhulu salo msakazo u-Alex Mthiyane ngoLwesihlanu ntambama ohlelweni, iGagasi Fast Lane, olushayelwa nguSphectacular, uNaves noSelbyonce.

USthabile udle umhlanganiso ngemuva kokuvotelwa ngabalaleli balo msakazo, nethimba lamajaji, kanti uhlelo lokuvota kuthiwa belusingethwe ngumcwaningi ozimele. Izibongela ngokunqoba, le ntokazi ithe izizwa ithobekile ngokuba yilungu lomndeni weGagasi FM.

“Njengomuntu ongumlandeli walo msakazo, leli thuba lifike ngesikhathi lapho bengidinga khona into engizokholelwa kuyona, ezonginikeza ithe-mba,” kusho uSthabile.

Uqhube ngokuthi uzimisele ngoku-sebenza ngokuphindiwe ukuze akhule kulo msakazo.

“Ukuthola leli thuba kufakazele isisho esithi, ukubambezeleka kwamaphupho akusho ukuthi ngeke afezeke.”

Okhulumela lo msakazo, uKhulekani Shandu, uthe bayamemukela uSthabile.

“Siyazi ukuthi bekungelula njengoba abantu abebengenele lo mncintiswano, bebenethalente eliyisimanga. Kukhombisile ukuthi iKZN iqukethe ithalente eliningi. Siyabonga kubona bonke abavotile ukuze sikwazi ukuthola umanqoba,” kusho uShandu.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...