Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Kufungiswe imeya entsha KwaDukuza

Kufungiswe imeya entsha KwaDukuza

by | 3 September 2025

AKALONA ivukana kwesobuMeya uMnu Sduduzo Gumede, ofungiswe ngokusemthethweni ngoLwesihlanu esikhundleni sokuba yimeya entsha kaMasipala waKwaDukuza.

UGumede ungene kulesi sikhundla kulandela ukuba i-ANC ihoxise uMnu Ali Ngidi, okungaphelanga isikhathi esingakanani ephethe lo masipala. UGumede ukhuza ibuya ekubeni yimeya yalo masipala njengoba ngo-1998, wathatha izintambo ngemuva kokuba kuhoxiswe uMnu Siyanda Mhlongo.

Wahola lo masipala kusukela lapho, waze wahoxiswa ngo-2009, lingakapheli ihlandla lakhe lesibili lokuphatha. Ngo-2016, waqokwa ukuba yiMeya yoMkhandlu Ilembe, waqeda ihlandla lakhe ngo-2021.

Emukela lesi sikhundla uGumede, wethembise ukusebenzela abantu baKwaDukuza ngokuzikhandla, ngokubambisana nezisebenzi zalo masipala nezikhulu zawo. Uveze ukuthi uyazi ngezingqinamba ezibikiwe, kanti unethemba lokuthi bazoqhamuka nezisombululo.

“Phakathi kwezinkinga ezibikiwe, ngezithinta ukungabikhona kukagesi, wukungakhanyi kwamalambu asemgwaqweni, wukungaphathwa kahle kukamasipala, yimigwaqo engekho esimeni, nengqalasizinda egugile. Yonke le mibiko ibiveza isithombe esingesihle ngomasipala, futhi sekwenze abantu balahlekelwa yithemba kumasipala,” kusho uGumede enkulumeni yakhe yokuqala ebuya kulesi sikhundla.

Uthe ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, uhlela ukuhlangana nezikhulu zikamasipala, kuxoxiswane ngezingqinamba umasipala obhekene nazo kuyona yonke iminyango yangaphakathi. Inhloso yalokho uthe wukuqhamuka nezixazululo kulezi zingqinamba, nokuthi umasipala ukwazi ukuhambisa izidingo kubantu.

Uzibophezele ekutheni aqikelele ekutheni abantu bathola izidingo zabo. Phambilini iDA ike yakhala izikhawu ngokusebenza kobeyimeya yalo masipala, uNgidi, yamsola ngokuthi ukhonze ukuhambela imicimbi kunokuhola imihlangano emqoka yomkhandlu.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...