Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Sizophuma namuhla isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela ka-matric

Sizophuma namuhla isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela ka-matric

by | 8 January 2025

NGUNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube.

SIZOPHUMA namuhla ngoLwesithathu isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela kaMatric ka-2024 emaphephandabeni.

Izolo ngoLwesithathu iNkantolo eNkulu yasePitoli isigodlile isinqumo kulolu daba oluphuthumayo olufakwe yinhlangano i-Information Regulator (IR), ifuna ukuba le nkantolo iphoqe uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuba ungayishicileli imiphumela emaphephandabeni.

I-IR ikholwa ukuthi ukushicilelwa kwayo kuwukwephula imigomo yokumthetho wokuvikelwa kwemininingwane yomuntu, iPopia.

Ngaphambi kokuthi kulalelwe izethulo zabameli, ijaji uNkk Ronel Tolmay lifanise leli cala nelika-2022 lapho ijaji uMnu Anthony Millar lanquma ukuthi umnyango uyishicilele imiphumela, kodwa usebenzise izinombo zokuhlolwa kwabafundi. UTolmay ube esebuza ukuthi isicelo esifakwe kulo nyaka sehluke ngani kunesika-2022.

Ummeli we-IR utshele inkantolo ukuthi umehluko wukuthi ngo-2022 ijaji kalizange licubungule kahle. Uthi kuwukuphulwa iPopia ukuba kushicilelwe imiphumela ngale kwemvume ebhaliwe yabafundi nabazali babo.

UMnu Marius Oosthuizen ucele inkantolo ukuba isichithe isicelo se-IR ngoba beyinesikhathi sonke sokuzwakalisa izikhalo zayo kusuka kuphume isinqumo ngo-2022.

Utshele inkantolo ukuthi ukungaguqulwa kwesinqumo sikaMillar kule minyaka eyedlule kugunyaza umnyango ukuba ukwazi ukusebenza ngaso. I-Afriforum nayo yenze izethulo zayo ivumelana nomnyango kwelokuqhubeka nokushicilelwa kwemiphumela emaphephandabeni.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...