Ilanga News
Home 9 Uncategorized 9 Sizophuma namuhla isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela ka-matric

Sizophuma namuhla isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela ka-matric

by | 8 January 2025

NGUNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo, uNkz Siviwe Gwarube.

SIZOPHUMA namuhla ngoLwesithathu isinqumo odabeni lokushicilelwa kwemiphumela kaMatric ka-2024 emaphephandabeni.

Izolo ngoLwesithathu iNkantolo eNkulu yasePitoli isigodlile isinqumo kulolu daba oluphuthumayo olufakwe yinhlangano i-Information Regulator (IR), ifuna ukuba le nkantolo iphoqe uMnyango weMfundo eyisiSekelo ukuba ungayishicileli imiphumela emaphephandabeni.

I-IR ikholwa ukuthi ukushicilelwa kwayo kuwukwephula imigomo yokumthetho wokuvikelwa kwemininingwane yomuntu, iPopia.

Ngaphambi kokuthi kulalelwe izethulo zabameli, ijaji uNkk Ronel Tolmay lifanise leli cala nelika-2022 lapho ijaji uMnu Anthony Millar lanquma ukuthi umnyango uyishicilele imiphumela, kodwa usebenzise izinombo zokuhlolwa kwabafundi. UTolmay ube esebuza ukuthi isicelo esifakwe kulo nyaka sehluke ngani kunesika-2022.

Ummeli we-IR utshele inkantolo ukuthi umehluko wukuthi ngo-2022 ijaji kalizange licubungule kahle. Uthi kuwukuphulwa iPopia ukuba kushicilelwe imiphumela ngale kwemvume ebhaliwe yabafundi nabazali babo.

UMnu Marius Oosthuizen ucele inkantolo ukuba isichithe isicelo se-IR ngoba beyinesikhathi sonke sokuzwakalisa izikhalo zayo kusuka kuphume isinqumo ngo-2022.

Utshele inkantolo ukuthi ukungaguqulwa kwesinqumo sikaMillar kule minyaka eyedlule kugunyaza umnyango ukuba ukwazi ukusebenza ngaso. I-Afriforum nayo yenze izethulo zayo ivumelana nomnyango kwelokuqhubeka nokushicilelwa kwemiphumela emaphephandabeni.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...