Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMthandeni ukhulekela ukwelulama kwegidangoma lakhe elilimale engozini yemoto

UMthandeni ukhulekela ukwelulama kwegidangoma lakhe elilimale engozini yemoto

by | 3 May 2026

YINGOZI okulimale kuyo uShilisi Langa, oyigidangoma likaMthandeni SK.

UMCULI kamaskandi uMthandeni SK Manqele uthi unethemba ngokwelulama kwegidangoma lakhe uShilisi Langa, elibe sengozini yemoto ngoMgqibelo ebusuku bephuma konandisa emcimbini, sebeya komunye.

Le ngozi yenzeke kuN3, eduzane ne-toll-gate eyehlukanisa uMnambithi neBergville. Ekhuluma neLANGA, uMthandeni uthi ubonga uNkulunkulu ngemiphefumulo esindile kule ngozi.

“Besihamba ngezimoto silandelana nabafowethu kwazise besizama ukuphuthuma ukubamba isikhathi, njengoba kade kufanele sihambele imicimbi emithathu. Kuqhamuke imoto eyiveni ingakhanyisile nokuthe uma ifika ngasemotweni kaMasondo, bazama ukuvikana, okuyilapho zitholane khona mahlanze. Ngeshwa imoto ize ngasesicabheni sikaShilisi kwaba nguyena othinteka kabana njengoba eshayeke isingenzansi. Sinethemba lokuthi uzolulama. Esikubonga kakhulu nje wukuthi imiphefumuo isindile,” kuchaza yena.

NGUSHILISI Langa, oyigidangoma leGcokama elisha, olimale engozini yemoto.

UMthandeni uthi usola uphuzo oludakayo kwabashayise imoto ebihamba amagidangoma akhe.

“Okubi kakhulu wukuthi imoto ebashayisile ibilayishe ngokweqile futhi ihamba abaphuzile. Sinethemba lokuthi umthetho uzodlala indima yawo. Silimele kakhulu ngalokhu okwenzekile kodwa sinethemba lokuthi umfowethu uzolulama ngokushesha. Sinethemba lokuthi akaphukile,” kuphetha uMthandeni.

UShilisi ungomunye wamagidangoma asezakhele igama kule ndima kamaskandi njengoba aqala ukugidela enye yezinkakha kulo mculo okunguKwakhe ‘Mgqumeni’ Mseleku ongasekho.

Ezisematheni

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

Bayavela enkantolo abasolwa ngokubulala uDj Warras

IZITHANDANI ezibhekene necala lokubulala uDJ Warras, waseVryheid, zivela namuhla enkantolo, eGoli. UVictor Majola, uHlengiwe Buthelezi, noArmando Pacula, kuthiwa babephambili ekuhleleni nasekusocongweni kwalo DJ. Ngaphandle kokuba nguDJ, uWarras ubenenkampani yonogada...