Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMthandeni ukhulekela ukwelulama kwegidangoma lakhe elilimale engozini yemoto

UMthandeni ukhulekela ukwelulama kwegidangoma lakhe elilimale engozini yemoto

by | 3 May 2026

YINGOZI okulimale kuyo uShilisi Langa, oyigidangoma likaMthandeni SK.

UMCULI kamaskandi uMthandeni SK Manqele uthi unethemba ngokwelulama kwegidangoma lakhe uShilisi Langa, elibe sengozini yemoto ngoMgqibelo ebusuku bephuma konandisa emcimbini, sebeya komunye.

Le ngozi yenzeke kuN3, eduzane ne-toll-gate eyehlukanisa uMnambithi neBergville. Ekhuluma neLANGA, uMthandeni uthi ubonga uNkulunkulu ngemiphefumulo esindile kule ngozi.

“Besihamba ngezimoto silandelana nabafowethu kwazise besizama ukuphuthuma ukubamba isikhathi, njengoba kade kufanele sihambele imicimbi emithathu. Kuqhamuke imoto eyiveni ingakhanyisile nokuthe uma ifika ngasemotweni kaMasondo, bazama ukuvikana, okuyilapho zitholane khona mahlanze. Ngeshwa imoto ize ngasesicabheni sikaShilisi kwaba nguyena othinteka kabana njengoba eshayeke isingenzansi. Sinethemba lokuthi uzolulama. Esikubonga kakhulu nje wukuthi imiphefumuo isindile,” kuchaza yena.

NGUSHILISI Langa, oyigidangoma leGcokama elisha, olimale engozini yemoto.

UMthandeni uthi usola uphuzo oludakayo kwabashayise imoto ebihamba amagidangoma akhe.

“Okubi kakhulu wukuthi imoto ebashayisile ibilayishe ngokweqile futhi ihamba abaphuzile. Sinethemba lokuthi umthetho uzodlala indima yawo. Silimele kakhulu ngalokhu okwenzekile kodwa sinethemba lokuthi umfowethu uzolulama ngokushesha. Sinethemba lokuthi akaphukile,” kuphetha uMthandeni.

UShilisi ungomunye wamagidangoma asezakhele igama kule ndima kamaskandi njengoba aqala ukugidela enye yezinkakha kulo mculo okunguKwakhe ‘Mgqumeni’ Mseleku ongasekho.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...