Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwehlukene imibono ngoqokelwe ukuhola ikomiti elizophenya uRamaphosa

Kwehlukene imibono ngoqokelwe ukuhola ikomiti elizophenya uRamaphosa

by | 2 June 2026

KWEHLUKENE imibono kumaqembu epolitiki ngokuqokwa kukaMnu Makashule Gana ukuba ngusihlalo wekomiti lePhalamende elizophenya ngokuthi kumele yini asuswe esikhundleni sakhe uMengameli Cyril Ramaphosa.

UGana oyilungu lePhalamende ngethikithi leRise Mzansi, phambilini ubeyilungu lephalamende lesifundazwe iGauteng, ngesikhathi esekwiDA. Amaqembu aphikisayo athi uGana ngeke asebenze ngokungachemile njengoba iqembu lakhe liyingxenye yeGNU, ebandakanya ne-ANC, uRamaphosa aphethe izwe ngethinithi layo.

Udaba lokukhishwa kukaRamaphosa esikhundleni sakhe lusukela ezigamekweni ezihlobene nokwebiwa kwezishaqane zamadola aseMelika, epulazini lakhe iPhala Phala.

UMnu Nhlanhla Hadebe, onguSotswebhu we-IFP ePhalamende uthe yisizathu esingenasisekelo ukuthi uGana uzochema ngoba iqembu lakhe lisebenzisana ne-ANC. Wenze isibonelo nge-EFF, iBuild One SA ne-UDM, ukuthi basebenzisana ne-ANC eGauteng nasePhalamende likazwelonke, kodwa kabavotanga ne-ANC.

UMnu Vuyo Zungula we-ATM, uthi bafuna uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza angabi nesandla ekusebenzeni kwaleli komiti njengoba ayeyingxenye yamalungu ePhalamende avotela ukuthi angaphenywa uRamaphosa ngo-2022, okuyisinqumo esithithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo emasontweni edlule.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...