Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Kwehlukene imibono ngoqokelwe ukuhola ikomiti elizophenya uRamaphosa

Kwehlukene imibono ngoqokelwe ukuhola ikomiti elizophenya uRamaphosa

by | 2 June 2026

KWEHLUKENE imibono kumaqembu epolitiki ngokuqokwa kukaMnu Makashule Gana ukuba ngusihlalo wekomiti lePhalamende elizophenya ngokuthi kumele yini asuswe esikhundleni sakhe uMengameli Cyril Ramaphosa.

UGana oyilungu lePhalamende ngethikithi leRise Mzansi, phambilini ubeyilungu lephalamende lesifundazwe iGauteng, ngesikhathi esekwiDA. Amaqembu aphikisayo athi uGana ngeke asebenze ngokungachemile njengoba iqembu lakhe liyingxenye yeGNU, ebandakanya ne-ANC, uRamaphosa aphethe izwe ngethinithi layo.

Udaba lokukhishwa kukaRamaphosa esikhundleni sakhe lusukela ezigamekweni ezihlobene nokwebiwa kwezishaqane zamadola aseMelika, epulazini lakhe iPhala Phala.

UMnu Nhlanhla Hadebe, onguSotswebhu we-IFP ePhalamende uthe yisizathu esingenasisekelo ukuthi uGana uzochema ngoba iqembu lakhe lisebenzisana ne-ANC. Wenze isibonelo nge-EFF, iBuild One SA ne-UDM, ukuthi basebenzisana ne-ANC eGauteng nasePhalamende likazwelonke, kodwa kabavotanga ne-ANC.

UMnu Vuyo Zungula we-ATM, uthi bafuna uSomlomo wePhalamende uNkk Thoko Didiza angabi nesandla ekusebenzeni kwaleli komiti njengoba ayeyingxenye yamalungu ePhalamende avotela ukuthi angaphenywa uRamaphosa ngo-2022, okuyisinqumo esithithwe yiNkantolo yoMthethosisekelo emasontweni edlule.

Ezisematheni

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

Imindeni iveze usizi ihlomula ngemizi KwaNongoma

IVEZE usizi olunzima ebikade ibhekene nalo imindeni yaKwaNongoma eHlalankosi ehlomule ngemizi namhlanje ngoLwesihlanu emuva kokuhlala isikhathi eside 'emafukwini' ngenxa yokukhahlanyezwa izikhukhula. Kuhlomule imindeni ewu-10 ngemizi iyakhelwa uMnyango wezokuBusa...

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

Ubonge uMkhwanazi kuhoxiswa amacala

UBONGE uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu Natal uLt Nhlanhla Mkhwanazi, uBrigadier Dineo Mokwele, ngemuva kokuhoxiswa kwamacala abebhekene nawo nabanye abebesolwa nabo okukhona kubona neNhloko yoPhiko lwezobuNhloli emaphoyiseni General Dumisani Khumalo. UMokwele...

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ivulela ilungu leDA icala ngezinsolo ezithinta uR4 billion

I-ANC ihlela ukuvulela ilungu le-DA ePhalamende uMnu Mark Burke nenkampani emataniswa nayo iKastelo icala ngemuva kokusabalala kwezinsolo ezithinta izigidigidi zamarandi. USotswebhu we-ANC ePhalamende uMnu Mdumiseni Ntuli kubikwa ukuthi uthe inhloso yokuvula leli cala...