Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Izindaba Featured 9 UQwabe waphuma kabuhlungu kwabo KwaNobamba

UQwabe waphuma kabuhlungu kwabo KwaNobamba

by | 11 March 2026

YINKOSI uMeseni kaMusi Qwabe yaseMthandeni, nomntwana uNdlovu kaThimuni, waKwaZulu, KwaNodunga, ngesikhathi beboshelwe ukubamba iqhaza eMpini yaMakhanda ngo-1906.

UMA sihasha abakwaQwabe sithi: Mnguni! Phakathwayo! Mlamulankunzi, ungaziyeka zobulalana! Nina enigubuzela umuntu ngehhemu lakhe! Ntabani leya na? WuNgoye Gumede! Khondlo!

NGOMHLA ka-9 kuNcwaba (August) 1904, imantshi uMnu James Stuart, eyayiqoqa umlando wezizwe zaKwaZulu, yavakashela iNkosi uMeseni kaMusi wakwaQwabe, emzini wayo eMthandeni, KwaMaphumulo. INkosi uMeseni kulinganiselwa ukuthi yayizalwe ngo-1863. Ithi uQwabe kwakungenye yamadodana kaMalandela, kaLuzumane, kaMnguni, kaGumede.

UMalandela wayakhe egqumeni phesheya komfula uMhlathuze, endaweni eyaziwa ngokuthi kuseMandawe. Igama lomuzi awakha, wathi kusoDwini. UMalandela akahlalanga isikhathi eside lapho, wabuye wawela uMhlathuze, waqombola izintaba zaseNkwenkwe, wawela imifula uMkhumbane neNzololo, waze waphumula eBabanango. Kulapho-ke afika wazinza khona, wakha umuzi waKwaNobamba. 

UQWABE NOZULU AMADODANA KAMALANDELA

UMalandela wafika waba nesizwe eBabanango, enoNdlunkulu wakhe, uNozinja, uMaZungu (okaGwabini). UNdlunkulu okaGwabini wayenamadodana uQwabe noZulu. OkaGwabini wayekhuthele, enza imisebenzi yezandla, abantu bemholela ngezinkomo nezimbuzi. 

Indodana kaMalandela endala uQwabe, yayikhonze ukuzingela, ikhonze nabantu besifazane. Yayihamba izinsuku ingabuyi ekhaya, kunguZulu owayemncane kunoQwabe ngeminyaka, owayebheke ikhaya, esiza unina uNozinja.

INkosi uMalandela idlule emhlabeni yashiya undlunkulu namadodana ayo kumfowabo, uNtombela. UMalandela ukhothama nje, sekunemvunge lapha emndenini, kuthiwa uQwabe ngeke abe yinkosi ngoba ubuthakathaka, noNdlunkulu uNozinja izinkomo zakhe wayesezishaye uphawu, washayela uZulu. UQwabe lokhu kwamthukuthelisa, wathatha isabelo sakhe, okwakuyizinkomo, wahamba nabanye ababemlandela.

UQWABE UQALA UMUZI WASEMTHANDENI

UQwabe uhambe waze wazinza enhla nomfula uMhlathuze, ngaphansi kwezintaba zoNgoye. UZulu wasala nonina KwaNobamba. Isizwe sikaQwabe oNgoye, okwakuthiwa ngoNozidiya ngoba amakhosikazi akhona, ayebhinca izidiya, sakhula ngamandla.

UQwabe wetha umuzi wakhe wathi kuseMthandeni, ebhinqa abakwabo abamenza waduba KwaNobamba, ethi bayoze bamthande. INkosi uMeseni, ithi uQwabe eMthandeni uzale inkosana uKhondlo. UKhondlo ube yinkosi yamaQwabe, kwaMthethwa kusabusa uDingiswayo (uGodongwane woYengo).

INkosi uKhondlo izale inkosana yayo uPhakathwayo, eyabulawa yiSilo uShaka kaSenzangakhona. Esebulelwe uPhakathwayo, abakwaQwabe bahamba bawela umfula uThukela, bazinza endaweni ephakathi kwemifula emibili, uThukela noMvoti.

ABAKWAQWABE EMVOTI

Isizwe sakwaQwabe sifike eMvoti sesiholwa nguNqetho, enye yamadodana kaKhondlo, ngoba uPhakathwayo inkosana, wayesebulelwe. UNqetho yena wakhonza eSilweni uShaka endaweni afikela kuyona, wazinza nesizwe sakhe, bamemukela nge-mfudumalo nangenhlonipho. 

Isizwe sakwaQwabe sakhumbula ukuthi umuzi omkhulu wakwabo besesoNgoye, kwakuthiwa kuseMthandeni. Bathi kabafuni ukuba leli gama liphele, umuzi omkhulu wabo, phakathi kwaKwaDukuza naKwaMaphumulo, bathi kuseMthandeni. 

INKOSI UMESENI KAMUSI QWABE

INkosi uMeseni kaMusi, eyalandisa uJames Stuart lo mlando, yayizalwe cishe ngo-1863, njengoba le mantshi yayimvakashele ngo-1904. INkosi uMeseni nomakhelwane wayo, iNkosi uNdlovu kaThimuni wakwaZulu, KwaNodunga, baboshwa wumbuso wamaNgisi. Icala labo wukuthi babamba iqhaza eMpini kaBhambatha (iMpi yaMakhanda). 

La makhosi alahlwa yicala adingiswa, ayiswa esiqhingini iSt Helena, namakhosi aseMbo (kwaMkhize) iNkosi uTilongo, uSkhukhukhu noNtelezi Msane. Ubukhosi bakwaQwabe eMthandeni (Glendale), busekhona namanje (2026), kuphethe iNkosi uMakhosini Wellington Qwabe, engumzukulwana weNkosi uMeseni kaMusi Qwabe.

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

– James Stuart Achives.

– Incwadi kaSolwazi Jeff Guy ethi: “Maphumulo uprising”.

Ezisematheni

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

IMarch and March nokhukhulela ngoqo wemashi yamadoda

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha, iMarch and March imemezele ukhukhulela ngoqo wemashi yamadoda ukulwa nokuhlukunyezwa nokubulawa  kwabesifazane ezoba ngomhlaka 30 kuMandulo (September). USihlalo obambile weSA...

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UNtuli ufuna isigwebo esinzima kosolwa kwangu-16 okudlwengula

UZOBUYELA ngoMsombuluko eNkantolo yeMantshi yaseThekwini owesilisa (46) othweswe amacala angu-16 okudlwengula abesifazane eCato Manor nasezindaweni ezakhele yona. Lo wesilisa ubevele enkantolo ngoMsombuluko emva kokuboshwa ngoMgqibelo. Inkantolo ithe uzobuya kuyona...

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

I-IFP nezethembiso ezinhlanu kubavoti

INKATHA Freedom Party (IFP) inxuse abavoti ukuba bayethembe njengoba kuza ukhetho lohulumeni basekhaya oluzoba ngomhla ka-4 kuLwezi nonyaka. Ethula inkulumo emcimbini wokwethulwa komhlahlandlela wokhetho, uMengameli we-IFP, uMnu Velenkosini Hlabisa uthe zinhlanu...