Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Sekuvaliwe ukubhalisela iComrades yangonyaka ozayo

Sekuvaliwe ukubhalisela iComrades yangonyaka ozayo

by | 30 November 2024

MZWAMANDLA ZONDI

SEZIGCWELE izikhala zabagijimi abazobamba iqhaza kwiComrades Marathon yangonyaka ezayo ezokuba mhla ka-8 kuNhlangulana (June) isukela eMgungundlovu, isongwe eThekwini.


AbeComrades Marathon Association (CMA), ngesikhathi bethula umjaho wangonyaka ozayo, babethe badinga abasubathi abawu-23 000, okuyisibalo sabasubathi okushaye ihora lesihlanu ngoMgqibelo, babe sebebhalisile.

Bekulindelekile ukuba imingenelo yalo mjaho ivalwe mhla ka-8 kuDecember, noma uma sekuhlangene isibalo esidingekayo.

AbeCMA bathi abasale ngaphandle ukubhalisela lo mjaho bangalinda uhlelo lwe-Substitution, apho abangenele lo mjaho bengeke besakwazi ukubamba iqhaza kuwona, bevulela labo abasalile.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...