Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Sekuvaliwe ukubhalisela iComrades yangonyaka ozayo

Sekuvaliwe ukubhalisela iComrades yangonyaka ozayo

by | 30 November 2024

MZWAMANDLA ZONDI

SEZIGCWELE izikhala zabagijimi abazobamba iqhaza kwiComrades Marathon yangonyaka ezayo ezokuba mhla ka-8 kuNhlangulana (June) isukela eMgungundlovu, isongwe eThekwini.


AbeComrades Marathon Association (CMA), ngesikhathi bethula umjaho wangonyaka ozayo, babethe badinga abasubathi abawu-23 000, okuyisibalo sabasubathi okushaye ihora lesihlanu ngoMgqibelo, babe sebebhalisile.

Bekulindelekile ukuba imingenelo yalo mjaho ivalwe mhla ka-8 kuDecember, noma uma sekuhlangene isibalo esidingekayo.

AbeCMA bathi abasale ngaphandle ukubhalisela lo mjaho bangalinda uhlelo lwe-Substitution, apho abangenele lo mjaho bengeke besakwazi ukubamba iqhaza kuwona, bevulela labo abasalile.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...