Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

by | 20 April 2025

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi.

UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika.

Kuzokhumbuleka ukuthi uBushiri nomkakhe babaleka eNingizimu Afrika ngo-2020.

Babhekene namacala okubalwa kuwo awokudlwengula nokukhwabanisa.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika usezinhlelweni zokubabuyisa eMalawi ukuzobhekana nengalo yomthetho.

UNgqongqoshe wezobuLungiswa uNkk Mmamoloko Kubayi uchaze ukuvakasha kukaShivhambu kuleli bandla njengesikhombisa ukungawuhloniphi umthethosisekelo wakuleli.

Nayo iMK Party ikhiphe isitatimende izihlangula ngalesi senzo sikaShivhambu.

Leli qembu liziqhelelanisile nalolu hambo lukaShivhamba laveza ukuthi uzihambele ngokwakhe ngaphandle kwesikhundla sakhe sokuba nguNobhala Jikelele waleli qembu.

IMK Party ithe iyawuhlonipha umthethosisekelo wakuleli futhi ayihambisana nanoma yini ephikisana nawo noma ewubukela phansi.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...