Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuhlale obala okwenzeka kubulawa abangani kulalelwa isicelo sebheyili

Kuhlale obala okwenzeka kubulawa abangani kulalelwa isicelo sebheyili

by | 13 January 2025

KUHLEHLISELWE uLwesihlanu ukulalelwa kwesicelo sebheyili ecaleni elibhekene noMnu Lungani Mthethwa osolwa ngokubulala abesifazane ababili ababengabangani uNkk Anele Mbokazi noNkz Zizipho Gabisa obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.

Ukulalelwa kwalesi sicelo kuqale ngezihibe njengoba kuke kwaphoqa kuguqe ngenxa yokungaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo ummeli womsolwa uMnu Clinton Short. Ugcine efikile sekudlule isikhathi ukulalelwa kwesicelo sebheyili kwase kuqala.

Efunda isitatimende uShort uthe umsolwa uyakuphika ukuthi babekuhlelile ukubulala laba bangani izidumbu zabo ezatholwa zinamanxeba okudutshulwa.

Uveze ukuthi kwaba khona ingxabano phakathi kwabo nalaba besifazane neyaholela ekutheni adubule kodwa akulona iqiniso ukuthi wayekuhlelile lokhu.

Uthe icala angalivuma ngelokubulala ngokungehloso ngoba kwakungahleliwe lokhu futhi ingekho inhloso.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa ubeboshwe noMnu Sandile Chili kulelu cala kodwa agcina ngokuhoxiswa ayebhekene nawo waphenduka ufakazi wombuso.

Ngesikhathi kufundwa isitatimende sakhe uMthethwa, uveze ukuthi wayesanda kuyithola imvume yokuba nesibhamu. Uzikhalele ngokuthi unezingane eziwu-6 azondlayo futhi uyazisebenza.

Uthe imali ayenzayo ngenyanga ingango R30 000. Umshushisi kuleli cala u-Advo Krishan Shah ufunda isitatimende esibhalwe ngumphenyi wecala lapho egeqe amagula ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.

Uthe laba balanda uNkz Gabisa noNkz Mbokazi kwayophuzwa ezindaweni ezahlukene kwabe sekukhokhelwa nehhotela elithile eThekwini.

Uthe ngesikhathi kusahleliwe kulelo hhotela, uNkz Mbokazi wazwakalisa ukungakhululeki wabe esecela ukuba bagodukiswe noNkz Gabhisa.

Uthe uMthethwa waqale wenqaba kodwa uChili wamuncenga ukuba babagodukise wabe esevuma.

Endleleni, umseshi uthi imoto yabe isijika ibheka endaweni engenamuntu engenawo ugesi nalapho afike ayimisa khona. Uthe wabe esekhipha isibhamu uMthethwa wafuna omakhalekhukhwini babafi.

Emva kwalokho, uveze ukuthi uMthethwa wasola uNkz Mbokazi ngokudla imali yakhe uma eseyidelile usefuna ukuphindela endodeni yakhe.

Esitatimendeni uveze ukuthi wamuthuka emubiza ngesife… (okuyigama elisetshenziswa kowesifazane ongaziphethe kahle) maqede wabadubula bobibili. Uveze ukuthi uMthethwa laba wabadubula izikhawu ezimbili umuntu ngamunye okuyisekhanda nasemzimbeni.

U-Advo Shah uthe uyaphikisana nebheyili ngoba icala elibhekene noMthethwa libucayi futhi isigwebo sakhona kungaba udilikajele.

Uthe uMthethwa ubhalise amakheli amaningi ahlukene okwenza kube yinkinga.

Ngisho izomoto zakhe ezimbili uthe zibhalwe ngaphansi kwegama lakhe kodwa kuthe umphenyi uma eya kobheka lapho kuthiwa uhlala khona, wangafica muntu.

Uthe uMthethwa makanganikezwa ibheyili ngoba uyabazi ofakazi futhi uke wasabisa noChili phambilini.

Uveze ukuthi uChili kuyimanje usekubhaceni ngenxa yokusabela impilo yakhe.

Ukubeke kwacaca ukuthi uma uMthethwa ededelwa ngebheyili, uzophazamisa ofakazi.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...