Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Kuhlale obala okwenzeka kubulawa abangani kulalelwa isicelo sebheyili

Kuhlale obala okwenzeka kubulawa abangani kulalelwa isicelo sebheyili

by | 13 January 2025

KUHLEHLISELWE uLwesihlanu ukulalelwa kwesicelo sebheyili ecaleni elibhekene noMnu Lungani Mthethwa osolwa ngokubulala abesifazane ababili ababengabangani uNkk Anele Mbokazi noNkz Zizipho Gabisa obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoMsombuluko.

Ukulalelwa kwalesi sicelo kuqale ngezihibe njengoba kuke kwaphoqa kuguqe ngenxa yokungaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo ummeli womsolwa uMnu Clinton Short. Ugcine efikile sekudlule isikhathi ukulalelwa kwesicelo sebheyili kwase kuqala.

Efunda isitatimende uShort uthe umsolwa uyakuphika ukuthi babekuhlelile ukubulala laba bangani izidumbu zabo ezatholwa zinamanxeba okudutshulwa.

Uveze ukuthi kwaba khona ingxabano phakathi kwabo nalaba besifazane neyaholela ekutheni adubule kodwa akulona iqiniso ukuthi wayekuhlelile lokhu.

Uthe icala angalivuma ngelokubulala ngokungehloso ngoba kwakungahleliwe lokhu futhi ingekho inhloso.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMthethwa ubeboshwe noMnu Sandile Chili kulelu cala kodwa agcina ngokuhoxiswa ayebhekene nawo waphenduka ufakazi wombuso.

Ngesikhathi kufundwa isitatimende sakhe uMthethwa, uveze ukuthi wayesanda kuyithola imvume yokuba nesibhamu. Uzikhalele ngokuthi unezingane eziwu-6 azondlayo futhi uyazisebenza.

Uthe imali ayenzayo ngenyanga ingango R30 000. Umshushisi kuleli cala u-Advo Krishan Shah ufunda isitatimende esibhalwe ngumphenyi wecala lapho egeqe amagula ngokwenzeka ngosuku lwesigameko.

Uthe laba balanda uNkz Gabisa noNkz Mbokazi kwayophuzwa ezindaweni ezahlukene kwabe sekukhokhelwa nehhotela elithile eThekwini.

Uthe ngesikhathi kusahleliwe kulelo hhotela, uNkz Mbokazi wazwakalisa ukungakhululeki wabe esecela ukuba bagodukiswe noNkz Gabhisa.

Uthe uMthethwa waqale wenqaba kodwa uChili wamuncenga ukuba babagodukise wabe esevuma.

Endleleni, umseshi uthi imoto yabe isijika ibheka endaweni engenamuntu engenawo ugesi nalapho afike ayimisa khona. Uthe wabe esekhipha isibhamu uMthethwa wafuna omakhalekhukhwini babafi.

Emva kwalokho, uveze ukuthi uMthethwa wasola uNkz Mbokazi ngokudla imali yakhe uma eseyidelile usefuna ukuphindela endodeni yakhe.

Esitatimendeni uveze ukuthi wamuthuka emubiza ngesife… (okuyigama elisetshenziswa kowesifazane ongaziphethe kahle) maqede wabadubula bobibili. Uveze ukuthi uMthethwa laba wabadubula izikhawu ezimbili umuntu ngamunye okuyisekhanda nasemzimbeni.

U-Advo Shah uthe uyaphikisana nebheyili ngoba icala elibhekene noMthethwa libucayi futhi isigwebo sakhona kungaba udilikajele.

Uthe uMthethwa ubhalise amakheli amaningi ahlukene okwenza kube yinkinga.

Ngisho izomoto zakhe ezimbili uthe zibhalwe ngaphansi kwegama lakhe kodwa kuthe umphenyi uma eya kobheka lapho kuthiwa uhlala khona, wangafica muntu.

Uthe uMthethwa makanganikezwa ibheyili ngoba uyabazi ofakazi futhi uke wasabisa noChili phambilini.

Uveze ukuthi uChili kuyimanje usekubhaceni ngenxa yokusabela impilo yakhe.

Ukubeke kwacaca ukuthi uma uMthethwa ededelwa ngebheyili, uzophazamisa ofakazi.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...